Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Isilo samabandla ,uMisuzulu Hlomesakhe kaZwelithini sesixolisile, sazwakalisa nobuhlungu ngamagama ahlabayo esiwasho kuNyazilwezulu ngokuthi luyisilima kwividiyo ebiqoshwa uNdlunkulu waso uNomzamo kaMyeni wasesigodlweni saseMachobeni.
Ingonyama izwakalise ukuzisola ngokwenzekile ngemumva kokuba le vidiyo isabalale kungazelele muntu ngoLwesine ngesikhathi sona noNdlunkulu ukaMyeni benomhlangano okhethekile nomholi weBuild One South Africa, uMnuz Mmusi Maimane esigodlweni kwaKhangela Amankengana.
Le vidiyo isabalele ezinkundleni zokuxhumana izolo ngoLwesine ntambama ekhasini likaMntwana uNqokonqoko owaziwa ngokungasifuni nalapho sihambe khona iSilo njengoba efuna kube uMntwana uSimakade kaZwelithini osesihlalweni.
Okugqamayo ukuthi silo besizwakalisa ukungagculiseki ngokuziphatha kukaNdlunkulu ukaMyeni mayelana nokuhambela imicimbi ethize ngaphandle kokusibikela kanye nokuya ezinkonzweni zebandla lakwaShembe.
INgonyama ikhale ngokuthi okaMyeni kukhona lapho abonakale khona ehagana nabadlali beqembu le bhola iKaizer Chiefs nokuyinto esizwakala ukuthi yasiphatha kabi. Siphinde sisole okaMyeni ngokuthi kukhona owesilisa okhonza khona kwaShembe omeshelayo nokwezna engayizwa indaba yokuthi aqhubeke nokuyenkonzweni.
Akugcinanga lapho kodwa INgonyama ibuye yakhuluma amagama alumelayo lapho ibiza khona umholi webandla lakwaShembe, uNyazilwezulu ngokuthi isilima.
IHhovisi leSo kuthe ngoLwesihlanu lakhipha isitatimende lisho ukuthi Indlulamithi yamakhosi iyazisola ngokungaphezi ngamagama ewashilo nalumelayo kuNyazi lweZulu.
Isitatimede siqhuba sithi iNgonyama isijube abantwana basendlunkulunkulu ukuba bayoyishwelezela kuNyazi ngakho konke okukhulumekile.
Kwenzeka lokhu nje iScrolla.Afrika sihabule ukuthi lesi sigameko sengxabano yeSilo nokaMyeni senzeke emasontweni edlule ngaphambi komcimbi wosuku lokuzalwa kukadadewabo ogane kwaTembe, uMntwana uNtandoyesizwe.
Kodwa ngaleso sikhathi le ndaba yayikhulunyelwa phansi njengoba nabahlebela iScrolla. Afrika ngaleso sikhathi babengaqondi ukuthi ngabe uyena kuyimuphi uNdlunkulu ophambane neNgonyama ngokukhuluma.
INgonyama ishwelezile nasezweni yathi okwenzeka kuleya vidiyo akuyona impilo yaseNdlunkulu futhi kuyihlazo elibi neliphoxe uZulu wonkana, amakhosi nabezenkolo.
Kwenzeka lokhu nje ingonyama kulindeleke ukuthi ithathe uNdlunkulu ukaMyeni balibangise eZimbabwe ukuyoxoxa noMengameli u-Emmarson Mnangwangwa ngodaba labantu bezwe lakhe abathutheleka kuleli ngokungemthetho.
