Lubhalwe NguCelani Sikhakhane
Isiphinde yabasemanzini iNdlunkulu kaZulu ngemumva kokudlula emhlabeni kwendodakazi kaMntwana uGedion Zulu wakwaZiphethe ebidume ngokuba inqolobane kaZulu.
UMntwana uGcwalisile kaGedion Layukhona Zulu-Kabanyane udlule emhlabeni ngoMsombuluko ekuseni ngemumva kokuxinwa isifo somdlavuza wesibeletho.
Indodana yakhe, okunguMntwana uSibonoso Zulu itshele iScrolla.Africa ukuthi uMntwana uGcwali nobekuyindlela abeteketiswa ngayo, udlule emhlabeni esemzini wakhe ePaarl, eWestern Cape.
“UMntwana ubesebanjwe yilesi sifo iminyaka emithathu. Ubengumuntu obezisebenza njengoba ebenezinhlelo eziningi abezenza ezinye zazo ubezenza nabakwaLotto,” usho kanje.
Uthe besebeyazisile iNgonyama kanye neqembu le-IFP elalisetshenzelwa uyise okunguMntwana uGedion.
UMntwana ushiye emhlabeni izingane ezinhlanu nabazukulu abayisithupha.
UMntwana uGcwali ubaziwa kakhulu ngokuhlale ephelezela uyise emicimbini eyahlukene kaHulumeni.
Okunye ukuthi ubenezinhlelo eziningi abezenza zokuthuthukisa umphakathi nentsha nobukhosi bukaZulu.
Ngonyaka ka-2001 waqala uhlelo lokukhulisa izingane zabafana nolwaluhambisana nokukhuliswa kwamantombazane ayesuke ehlonyiswa ngolwazi olwahlukene emkhosini womhlanga.
Ubeneziqu zobudokotela azithola eNyuvesi yaseTorronto eCanada.
Okhulumela iSilo uMisuzulu kaZwelithini okunguMntwana uThulani waseZibindini uthe iNdlulamithi yephuke kakhulu emoyeni ngalezi zindaba.
“Okubuhlungu kakhulu ukuthi uMntwana udlula nje emhlabeni sisanda kubanefu elimnyama elenzeke kulandelana njengoba besifihla ngomhlaka-18 kwaqhubeka ngenxa yokushona kwabantwana belandelana. Nakhuke manje sekudlula uMntwana uGcwali obeyinqolobane yesizwe ngenxa yemisebenzi yakhe abeyenzela isizwe,,” kusho uMntwana uThulani.
