Isikhulu samaphoyisa sizojoyina uCat Matlala nabanye eNkantolo ngoNhlaba

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UKhomishana wamaphoyisa uFannie Masemola uzohlangana nosomabhizinisi uVusimuzi Matlala nabanye abangu-15 enkantolo ngomhlaka-13 kuNhlaba mayelana necala lethenda.

Amaphoyisa ayavuma ukuthi umphakathi awusawathembisisi, kanti ukhomishana uyawaphika amacala enkohlakalo futhi uyabuza ukuthi kungani ebhekene namacala ngaphansi komthetho wezezimali.

Abantu baseNingizimu Afrika bazophinde babone ubuholi bamaphoyisa enkantolo. Lokhu kuza njengoba amaphoyisa evuma ukuthi umphakathi awusawathembi kahle hle. 

UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola uvele eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoLwesibili. Inkantolo ilihlehlisele umhlaka-13 kuNhlaba icala.

Umbuso uthe ufuna uMasemola ajoyine usomabhizinisi uVusimuzi “Cat” Matlala nabanye abangu-15. Bonke bamataniswe nethenda yosizo lwezempilo lwamaphoyisa ka-R360 million.

UMasemola ubhekene namacala ahlobene nomthetho iPublic Finance Management Act. Lo mthetho ulawula ukuthi imali yomphakathi kumele isetshenziswe kanjani.

Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo, uMasemola ukuphikile ukuthi webenza ubugebengu. “Angiyenzanga le  nkohlakalo. Ngibekwe icala le-PFMA. Angazi ukuthi kungani,” esho.

Phambilini, okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe uthe lesi “yisikhathi esibalulekile” emaphoyiseni. Uthe lesi sikhathi sihlola ukuzinikela kwabo kanye nokuhlonipheni umthetho.

“Njengenhlangano sihlale simile ekutheni akekho ongaphezu komthetho,” kusho uMathe. 

Uthe amaphoyisa akumele azivikele. Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ukhumbule amaphoyisa aqhubeka nokusebenzela imiphakathi nsuku zonke.

“Kumele sikwamukele ukuthi ukwethenjwa emphakathini sekuphelile, futhi kunesidingo sokuthi kwakhiwe kabusha,” kusho yena.

I-Investigating Directorate Against Corruption ibophe uMatlala nabanye ngale thenda. Babhekene namacala enkohlakalo, ukukhwabanisa nokuphula imithetho yezimali.

Esithombeni esingenhla: UKhomishana wamaphoyisa uFannie Masemola uvele enkantolo kanti uzobuya nasolwa nabo ngoNhlaba.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva