Isihluku kubulawa izelamani ePhilippi

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Uyise wezisulu ezimbili ezibulawe ngesihluku e-Brown’s Farm, e-Philippi, eKapa akakwazanga ukufihla ubuhlungu abuzwayo ngemuva kokulahlekelwa izingane zakhe.

U-Ayabonga (27) kanye nodadewabo uBongi (25) babulawe ngaphandle komuzi wabo ngabahlaseli abangaziwa.

Uyise wabo, uSiphiwo Libazi uthole ucingo entathakusa lumazisa ngalesi sigameko.

“Indodakazi yami yathenga le ndlu ngakho bebehlala ndawonye. Ongithintile akashongo okuningi ngaphandle kokuthi izingane zami zilimele. Akuzange kungene emqondweni wami ukuthi bashonile noma babulawe kabuhlungu kangaka,” kusho uLibazi.

Uphuthume endlini yendodakazi yakhe kanti ngesikhathi efika khona ubone igazi engadini.

Zombili izidumbu bezingaphandle komuzi zidindilize engadini. “Indodana yami ibiseduze kwesango, indodakazi yami isephaseji.

“Bebelimele kabi. Angazi noma umuntu obabulele ubesebenzisa imbazo yini. Babulawe ngesihluku futhi angisoze ngakukhohlwa engikubone namuhla.

“Noma ngubani owenze lokhu ungibulele.”

Usola ukuthi bebezama ukubalekela ababulali.

“Ngabe nginamanga uma ngingathi ngiyasazi isizathu esidale lesi senzo esibi. Sonke sididekile futhi siyazibuza ukuthi bekufanele yini ukuthi babulawe njengezilwane. Asazi noma bebenezitha yini ezibafuna beshonile.”

Isakhamuzi esigodlwe igama sithe abezwanga lutho.

“Bekunomoya omningi, besingeke sizwe lutho. Sishaqekile ngendlela ababulawe ngayo. Asikaze sibabone belwa namuntu.”

Noma ngabe kukhona abakuzwile kodwa bebengeke baphume bayobheka.

“Iqiniso ukuthi noma ngabe besingezwa umsindo oqhamuka endlini yabo besingeke siphume ngoba sisaba ukubulawa. Izinga eliphezulu lobugebengu selishintshe izinto. Siswele ubuntu futhi sisaba ukubulawa ngoba ababulali abanalo uzwelo,” kusho isakhamuzi.

Okhulumela amaphoyisa e-Western Cape, uKaputeni uFC Van Wyk uthe amaphoyisa aseNyanga abhalise amacala amabili okubulala kulandela isigameko. 

“Kutholwe isidumbu sowesilisa (27) nesowesifazane (25),” kusho uVan Wyk. Izisulu zitholwe zinamanxeba amaningi ekhanda nasemzimbeni. Isizathu sisaphenywa futhi okwamanje akukaboshwa muntu.”

Esithombeni esingenhla: Izelamani zakwaLibazi zibulawe ngesihluku emzini wazo ose-Brown’s Farm, e-Philippi, eKapa.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva