Lubhalwe nguPalesa Matlala
UBrown Mogotsi uzohlala ezitokisini ngemuva kokuthi inkantolo ilihlehlisele izinsuku eziyisikhombisa icala ukuze iqinisekise ikheli lakhe ngaphambi kwebheyili.
Amaphoyisa athi ama-ballistic test ahlobanisa isibhamu esasetshenziswa ekudutshulweni kwemoto kaMogotsi nesigameko sokubulala e-Eldorado Park kanye nokubamba inkunzi eRoodepoort.
Usomabhizinisi waseNorth West ophinde abe ngumlungisi we-African National Congress uBrown Mogotsi ufuna ibheyili ngemuva kokuthi amaphoyisa amatanisa isibhamu esasetshenziswa ngesikhathi bezama ukumbulala namanye amacala amabili odlame.
UMogotsi uvele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoMsombuluko ngomhlaka-18 kuNhlaba ka-2026, ebhekene necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, ukutholakala nezinhlamvu okungekho emthethweni, ukudubula isibhamu endaweni yomphakathi, ephula umthetho kanye nokuqamba amanga.
UMbuso ucele ukuthi kuhlehliswe izinsuku eziyisikhombisa ukuze uqinisekise ikheli lasekhaya futhi ulungiselele nesicelo sebheyili esisemthethweni.
Imantshi yavuma yase ilihlehlisela uMsombuluko ngomhlaka-25 kuNhlaba ka-2026. UMogotsi usagqunywe ejele.
INational Prosecuting Authority ithe izothatha izinyathelo ezinqala kunoma ngubani osolwa ngokuzama ukugxambukela ohlelweni lwezobulungiswa.
Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe uthe ama-ballistic test axhumanisa isibhamu esasetshenziswa ngesikhathi kudutshulwa imoto kaMogotsi nesigameko sokuphanga kuhlonyiwe eRoodepoort kanye nesokubulala e-Eldorado Park.
“Umbiko wethu wophenyo usitshela ukuthi isibhamu esasetshenziswa kudutshulwa imoto kaMnu Mogotsi, sihlobene namanye amacala,” kusho uMathe.
Uthe umshayeli wemoto wagetshengwa eRoodepoort ngo-2020 kwaqhuma isibhamu ngesikhathi kuhlasela. Umshayeli wasinda kanti amaphoyisa avula amacala okugebenga kuhlonyiwe nawokuzama ukubulala.
Ngo-2021, owesilisa oneminyaka eko-30 ubudala wadutshulwa wabulawa endaweni yokuphuza e-Eldorado Park. Kuphinde kwasinda omunye umuntu kulokhu kuhlasela.
Amaphoyisa asathungatha isibhamu.
Ummeli kaMogotsi, uMakau Sekgatja, uphikisene ngokuthi izinsuku eziyisikhombisa zinde kakhulu ukuthi kuqinisekiswe ikheli, kodwa inkantolo yenqaba ukukuhlehlisa.
USekgatja uvumile ukuthi amacala abekwe ikhasimende lakhe abucayi.
“Amacala mabi kakhulu, ngeke ngiqambe amanga, ikakhulukazi amacala okutholakala nesibhamu nezinhlamvu,” usho kanje.
Uthe amacala anesigwebo esincane seminyaka engu-15 uma uMogotsi elahlwa yicala.
UMogotsi waboshwa ngoLwesihlanu ngomhlaka-15 kuNhlaba ka-2026, ngemuva nje kokuvela phambi kweKhomishini kaMadlanga.
USekgatja uthe ikhasimende lakhe lishaqekile ngokuboshwa futhi alikaze likwazi ukudla kahle kusukela ngalolosuku ngoLwesihlanu”.
Kule khomishini uMogotsi wehlulekile emizamweni yakhe yokukhipha omunye wabaholi bobufakazi. Ikhomishini iphinde yaphakamisa ukuthi angase abhekane namacala okuqamba amanga nawokukokotela ahambisana namaphepha awahambisile.
UMogotsi phambilini utshele amaphoyisa ukuthi oshayasibhamu abangaziwa bazame ukumbulala ngesikhathi ehamba ngemoto yakhe iChevrolet ebomvu eVosloorus. Amaphoyisa athole amagobolondo ezinhlamvu angu-11 endaweni yesigameko.
“Ubufakazi esinabo buyashayisana nalokhu akushoyo,” kusho uMathe.
Amaphoyisa athi kungase kuboshwe abanye abantu.
“Ngeke sikubeke eceleni ukuthi kungenzeka ukuthi ubengasebenzi yedwa,” kusho yena.
UMathe uphinde wasola uMogotsi ngokwehluleka ukubambisana nabaphenyi kusukela kwenzeka lesi sigameko ngoLwezi ka-2025.
Uthe amaphoyisa ayelokhu evakashela amakheli ayeshiwo nguMogotsi kodwa angamtholi. Uphinde wathi abaphenyi bakuthola kunzima ukuthola izitatimende kuye.
Icala libuyela enkantolo ngoMsombuluko ngomhlaka-25 kuNhlaba ka-2026, ukuze kufakwe isicelo sebheyili esisemthethweni.
Esithombeni esingenhla: UBrown Mokgotsi ehla esikhumulweni sezindiza eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoMsombuluko.
Umthombo wesithombe: UPalesa Matlala
