Isasasa emjahweni wamahhashi waseNquthu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Bekukhonya intsha emqhudelwaneni wamahhashi waseNquthu waminyaka yonke nobundlalela iDurban July ezobaseThekwini ngenyanga ezayo.

Lo mqhudelwano wamahhashi atelebhalayo owaziwa ngeNquthu June Horse Riding ububanjelwe esigodini saseMkhonjane ngaphansi kwesizwe sakwaMolefe. 

IMeya yaseNquthu uMnuz Lindokuhle Shabalala inxuse uhulumeni wesifundazwe ukuba angenelele ekuthuthukiseni lo mjaho nasekusizeni ekuzalaniselaneni amahhashi ohlobo olugijimayo kakhulu esikhundleni sokuba athengwe ngezigidi emazweni aphesheya.

“Ubona nje lapha eNquthu sinehhashi okuthiwa iNdidane elihlale lidla imihlanganiso emjahweni eyahlukene yesifundazwe. Siyafisa ukuthi uhulumeni asize okutheni likwazi ukuzala amanye alolu hlobo lwalo ukuze isizukulwane sawo singashabalali,” kusho uShabalala.

USbusisi Nene, odle umhlanganiso ngehhashi lakhe Izinyosi uthe lo mcimbi uvulele intsha yasemakhaya amathuba okuthi ibambe iqhaza emiqhudelwaneni yamahhashi.

“Ukusebenza kanzima nehhashi lami kuthele izithelo ezinhle kakhulu ngiyaziqhenya ngami nehhashi lami futhi kuyajabulisa lokhu ngoba kuvula namathuba omsebenzi,” kusho uNene.

“Ngifisa sengathi intsha yethu ingasondela kulo mdlalo ifunde kabanzi ngoba ihhashi elilodwa lingavula amathuba omsebenzi ayisithupha.”

Lo mjaho waseNquthu owenzeka njalo ngoNhlangulana waqala ngo-2021 ngemuva komvalelandlini we-Covid-19. Abanye abantu besifazane nabo bebeqhudelana kulo mcimbi obuhambisana nemicimbi yobumnandi bemfashini. 

Okuhlaba umxhwele ngamagama amahhashi. Abanye bawaqamba ngabaculi abadumile abafana nomculi kamaskandi ongasekho, INdidane (Mtshengiseni Gcwensa), noBabes Woduma odume ngeleNdlovukazi yeGqom MMusic.

Isiyonke imali yemiklomelo ifinyelele kuR100 000.

Esithombeni esingenhla: Intsha esakhula yasezindaweni zasemakhaya okuyiyona ehamba phambili emjahweni waseNquthu

Umthombo wesithombe: UCelani Sikhakhane

Izihloko zakamuva