ISantaco izohlangana neziphathimandla zaseKapa ngenhloso yokuqeda isiteleka esiqhubekayo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

IDolobha laseKapa selimemezele intuthuko ebonakalayo emizamweni yalo yokubhekana nenkinga yesiteleka samatekisi esiqhubekayo.

Ngemuva kokuthola isiqinisekiso, kuvele ukuthi i-South African National Taxi Council (Santaco) izobamba iqhaza emhlanganweni obalulekile neMeya uGeordin Hill-Lewis.

Inhloso yalo mhlangano ukuthola igxathu nesixazululo ezinkingeni eziqhubekayo eziholele esitelekeni samatekisi esiphazamisayo.

UGeordin Hill-Lewis, iMeya yaseKapa uzwakalise amathemba akhe ngesinqumo esinokuthula.

UHill-Lewis uthe ngemuva kwamahora angu-48 zingekho izigameko eKapa kanye nesikhathi esinokuthula sokuhamba kwezimoto ekuseni namhlanje, bameme i-Santaco ukuze kuxoxiswane nayo ukuze bathole isisombululo esakhayo futhi kuqedwe isiteleka.

“Okwamanje, sivikela namabhasi kulo lonke idolobha futhi asebenza cishe ngokugcwele okwehlisa ingcindezi,” kusho uHill-Lewis.

Imizamo yedolobha idlulela ngale kwamabhasi njengoba kuvikelwa abaphelezeli bamaloli okudla ukuqinisekisa ukulethwa kokudla kanye nokwakhiwa kabusha kwezitolo kuyaqhubeka phakathi nale nkinga.

URyno Saaiers onguNobhala Jikelele we-Santaco ngoLwesine ukubeke kwacaca ukwenqatshwa kwesimemo, eveza ukukhathazeka nge-ajenda ehlongozwayo.

Uthe ngeke balubhade kuze kube kunesivumelwano sokuthi bayeka ukubopha izimoto zabo.

Uthe kubalulekile ukuthi kutholwe izisombululo ezivumela abashayeli bamatekisi ukuthi baqhubeke nomsebenzi ngesikhathi kusaxoxwa ngembangela yokuboshwa kwezimoto.

Isakhamuzi uLungelwa Mjame uthe uzwe umnikazi wetekisi ebuza ukuthi uma benomhlangano kuzobe kusho ukuthini.

Uthe bazocelwa ukuthi babuyele emsebenzini ukuze bathathelwe izimoto zabo futhi” esho.

U-Anele Sibene uthe ukhathazekile ngomthelela wesikhathi eside walesi siteleka ekutholeni imsebenzi nasekuphileni kwansuku zonke.

“Sithwele kanzima ngenxa yobugebengu,” kusho uSibene.

“Izinkampani bezingafuni ukusiqasha zithi
izithuthi zokuhamba azikwazi ukungena ezindaweni zethu. Lokhu kuzonezela ezinkingeni. Akekho ozofuna ukusiqasha ngoba asikwazi ukuya emsebenzini.”

Uphinde wagqamisa ukushoda kokudla kwezinye izindawo, exwayisa ngemiphumela engase ibe khona.

“Izitolo eziningi zivaliwe. Ezisavuliwe azinakho ukudla. Kungekudala sizogqekezelwa ezitolo ezisemalokishini ethu. Uma bengasitholi isixazululo kulokhu kuzokwenzeka okubi,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: UGeordin Hill-Lewis noBheki Cele

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva