Isangoma sisolwa ngokunukubeza umfundi

Dalphine Tagwireyi

Kusolwa ukuthi intombazanyana eneminyaka engu-11 inukubezwe ngokocansi isalukazi njengesijeziso sokuxabana nomzukulu waso esikoleni.

La bangani ababili baxabane ngesikhathi besesikoleni sabo e-Nkangala, eMpumalanga base bayalwa.

Impi iye yavinjwa kodwa ngesikhathi ebuyela ekhaya ntambama, ofunda  nesisulu uye watshela ugogo wakhe ngalesi sigameko kwabe sekusuka uthuthuva.

Ugogo ophinde abe yisangoma ulandelele isisulu ngesikhathi siya ekhaya.

Kuthiwa ugogo uhlasele ingane isendleleni eya ekhaya wayinukubeza ngokocansi ngokuyigcoba umuthi esithweni sayo sangasese.

Ekhuluma ne-Scroll.Africa, umama wengane uthe indodakazi yakhe ifike ekhaya ihayiza futhi ilunywa ngenxa yalo muthi, kwadingeka ukuthi iphuthunyiswe emtholampilo ukuze ithole ukwelashwa.

“Ngesikhathi ngimhlola, ngibone ukuthi ubenamaqhubu esithweni sakhe sangasese futhi enwaya, ekhala ngokuthi kuyamluma ngase ngimphuthumisa emtholampilo,” usho kanje.

“Ngempela angazi ukuthi lo muthi uzoba namuphi umphumela empilweni yendodakazi yami.”

Umama uphinde wathi ubikele isikole ngalolu daba ngoba impi iqale khona.

Uphinde wabikela umholi wendabuko iNkosi uHlanganani Nkosi ngodaba kanti iNkosi ithe izohambela isigcawu somkhandlu wendabuko ngoMgqibelo.

“Silinde umphumela kodwa uma ungasivuni sizoya emaphoyiseni, njengoba ingane yami ingasayi esikoleni futhi namaqhubu asabonakala,” echaza.

Inkosi uNkosi ithe leli cala alijwayelekile futhi nesigungu sakhe somdabu asikaze siliphathe elifana nalo phambilini.

“Sijwayele ukubhekana nezindaba ezingafani nalezi futhi akwamukelekile neze ukuthi abesifazane asebekhulile bahlasele ingane encane, ngiyethemba ukuthi zombili izinhlangothi zizobakhona ukuze senze isibonelo emphakathini njengoba izingane zidinga ukuvikelwa yithi futhi akufanele nanini abantu abadala beziphindiselele,” isho kanje.

Izihloko zakamuva