Kabelo Tlhabanelo
Sekuphele iminyaka elwa nobugebengu futhi evalela abephula umthetho. Kodwa isilingo samthola uWarrant Officer Frederick de Bruin futhi wanikezwa isigwebo seminyaka engama-50 ebhadla ejele
UDe Bruin utholakale enecala lokwephula imigomo yezobulungiswa, inkohlakalo nokweba.
Lo mlisa oneminyaka engama-50 wasophikweni lwabaseshi i-Odendaalsrus e-Free State waboshwa ngoMasingana kulo nyaka. Lokhu kungemuva kokuba ethembise ukususa idokodo – ecaleni angaliphenyanga – uma ekhokhelwa imali eyizi-R5,000.
Icala lalithinta owesilisa owayebekwe icala lokushayela budedengu.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motantsi Makhele uthe: “Ngomhla zingama-20 kuMasingana ngowezi-2021 uDe Bruin waya kumsolwa, owayebekwe icala lokushayela budedengu, wathembisa ukuthi angantshontsha idokodo lamaphoyisa bese elidayisa ngemali eyizi-R5,000.”
Impimpi yaqwashisa amaphoyisa kanti uphiko olulwa nenkohlakalo lwabeka ugibe kuDe Bruin, owanikeza impimpi idokodo.
UDe Bruin waboshwa.
Ngesikhathi uphiko olulwa nenkohlakalo lusesha umuzi wakhe, bathola irisidi elivela esitolo sokubuyisela izinto.
“Kulandwe i-laptop ebiza imali eyizi-R12,000 kwesinye sezitolo e-Odendaalsrus. Leli lungu laxoshwa kwa-SAPS nge-Expeditions Process labe selibekwa icala lokwehluleka ukusebenza kwezobulungiswa, inkohlakalo nokuthatha ngozwane.”
Icala liphothulwe eNkantolo yesiFunda i-Odendaalsrus ngoMsombuluko. UDe Bruin ugwetshelwe:
● Inkohlakalo – iminyaka eyi-15
● Ukweba i-laptop – iminyaka eyi-15
● Ukweba idokodo lamaphoyisa – iminyaka eyi-15
● Ukudelela ezobulungiswa – iminyaka emihlanu
UKhomishani Jikelele wesifundazwe uBaile Motswenyane uthe: “Lesi sigwebo siwumyalezo ocacile wokuthi inkohlakalo ayikhokhi nokuthi abaphathi bamaphoyisa abasoze babekezelela noma yisiphi isenzo senkohlakalo phakathi kwethu.”