Lubhalwe nguRazeen Gutta
Isixuku ebesigcwele inkundla yezemidlalo e-Hong Kong simemeze amazwi athi “Buyiselani imali! Buyiselani imali!” njengoba i-Inter Miami ishiye isihlabani sebhola uLionel Messi ebhentshini emdlalweni wabo wobungani wakamuva ne-Hong Kong XI.
Ezinsukwini ezimbalwa nje beshaywe ngo 6-0 yi-Al Nassr kaCristiano Ronaldo nalapho uMessi engene khona enkundleni usozophela umdlalo, kubukeka sengathi i-Inter Miami isidale amazinyo abushelelezi kubalandeli.
Ukunqoba kwe-Inter Miami ngo 4-1 kwenzeke uMessi engekho enkundleni, nokube yinto edabukisayo kubo bonke abebebukele.
Izingoma zesixuku zishintshe ngokushesha zisuka kwezithi “Sifuna uMessi” zathi “Uphi uMessi?” zathi “Buyiselani imali! Buyiselani imali!”
Uhulumeni wase-Hong Kong ufuna izimpendulo kubahleli.
“UMessi akakwazanga ukudlala emdlalweni wobungani namuhla futhi uhulumeni nabalandeli baphoxekile ngendlela efanayo ngamalungiselelo omhleli womcimbi [uTatler],” kusho isitatimende.
“Umhleli womcimbi kumele anike abalandeli incazelo.”
Umnikazi we-Inter Miami kanye nowake wadlalela i-England uDavid Beckham ubhokelwe ngabalandeli ngemuva kokuvela isikhashana enkundleni emuva komdlalo.
Lo mdlalo ubuyingxenye yamalungiselelo ase-Miami esizini entsha ye-Major League Soccer eMelika nase-Canada, ezoqala mhlaka-22 kuNhlolanja.
Esithombeni esingenhla: ULionel Messi efudumeza ibhentshi.
Umthombo wesithombe: @mirrorussports