Lubhalwe nguDylan Bettencourt
UHugo Broos uthe imizuzu engu-20 yokugcina bekunzima ukuyibuka njengoba iBafana ibivikela igoli layo kuSouth Korea.
Umqeqeshi weBafana ukubize ngomlando lokhu kuwina wathi kuwumphumela wokusebenza iminyaka emihlanu nesikwati.
UHugo Broos uthi inhliziyo yakhe ibingahlalisekile njengoba iBafana Bafana ibambelele ekuhluleni iSouth Korea.
Lokhu kuwina kuthumele iNingizimu Afrika okokuqala ngqa ku-last 32 yeNdebe Yomhlaba yeFifa ka-2026.
IBafana ishaye iSouth Korea ngo 1-0 eMonterrey ngoLwesithathu. UThapelo Maseko ushaye igoli ngomzuzu ka-63.
Kodwa uBroos uvumile ukuthi imizuzu yokugcina ibinzima.
“Imizuzu engu-20 edlule inhliziyo yami ibishaya ngamandla futhi bengifuna ukuthi umdlalo uphele ngokushesha,” kusho yena.
UBroos uthe lo mdlalo bekunzima ukuwuchaza.
“Ngiyazi ukuthi kunjani kodwa kunzima ukukuchaza,” kusho yena.
“Kuyisipiliyoni esihle kakhulu. Bekunzima namuhla kodwa sidlale umdlalo omuhle kakhulu futhi sibe namathuba senza kahle kakhulu ngobuchule.”
UBroos uthe iBafana yenza kwaba nzima ukuthi iSouth Korea ithole indawo.
“Besivikela kahle ipali lethu,” esho.
Umqeqeshi ubize lesi sikhathi njengomlando wathi uyaziqhenya ngohambo lweqembu.
“Lokhu kuwumlando, ngijabule kakhulu ngabafana. Esikwenze eminyakeni emihlanu edlule kuyamangaza,” esho.
UBroos uthathe izintambo zokuqeqesha iBafana ngo-2021.
Kusukela lapho, uye wasiza ekwakheni kabusha iqembu lesizwe. IBafana iqede isithathu ku-Africa Cup of Nations ka-2023 yaphinde yahlungela iNdebe yoMhlaba okokuqala eminyakeni engu-24.
UBroos uthe kuhle ukusebenza kanzima
“Uma nisebenza ndawonye iminyaka emihlanu, kuba khona ukuxhumana,” kusho yena.
“Sisebenze kanzima nabaqeqeshi nabadlali ezikhathini eziningi bangabangani njengoba nami ngingumqeqeshi ngibatshela ukuthi benzeni.
“Kuyinhlanganisela enhle.”
IBafana isizobhekana neCanada eLos Angeles ngeSonto.
Esithombeni esingenhla: Abadlali beBafana Bafana bebungaza.
Umthombo wesithombe: @FifaWorldCup
