Arthur Greene
Kuboshwe owesilisa ngezinsolo zokungena ngendluzula emagcekeni omhlangano e-Laikipia County Assembly nokuzikhulula ezihlalweni zesakhiwo.
UMorris Mwenda wasedolobheni lase-Nanyuki maphakathi ne-Kenya kusolwa ukuthi usegqekeze ePhalamende amahlandla amabili ahlukene ngesonto eledlule wazikhulula ezihlalweni eziningi, ngokusho kwencwadi yase-Kenya, i-The Standard.
Ngemuva kokugqekeza ibhilidi, uMwenda oneminyaka engama-34 kusolwa ukuthi wephule ikhibhodi yekhompyutha.
Imibiko yabezindaba ayichazi ukuthi lezi zinto zacekelwa phansi kanjani.
Ngokusho komphathi wamaphoyisa endawo, uJohn Tarus, uMwenda uboshwe ngoLwesibili ekuseni emagcekeni ePhalamende.
Uboshwe ngemuva kokuvela kwakhe efuna ukukhuluma noSomlomo we-County Assembly, uPatrick Waigwa.
“Amaphoyisa amkhombe kahle ngemuva kokubanjwa kobuso bakhe kumakhamera e-CCTV, ngesikhathi egqekeza ePhalamende ngoLwesibili nangoLwesine ngesonto eledlule,” kusho uTarus etshela i-The Standard.
UTarus ubuye watshela iphephandaba ukuthi lokhu bekungekhona okokuqala ukuthi uMwenda axhumane namaphoyisa ngesonto eledlule.
“Le ndoda, ngeSonto eledlule uvule icala esiteshini samaphoyisa e-Nanyuki ethi umqwayizi umtshontshele umakhalekhukhwini wakhe ngemuva kokwehluleka ukumkhokhela u-Sh2,000 [ama-R265] ababevumelene ngawo,” esho.
UMwenda kumanje ugcinwe esitokisini kanti kulindeleke ukuthi abekwe necala lokugqekeza.