INdlunkulu ithi ayisagudluki ekutheni kususwe uNatali kube KwaZulu eKZN

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Indlunkulu kaZulu ithi Ingonyama uMisuzulu kaZwelithini ayigudluki embhidlangweni wayo wokuba kuqanjwe kabusha iKZN ibizwe ngokuthi kuKwaZulu ngoba uNatal igama labacindezeli abahlukumeza isizwe samaZulu.

Lokhu kuvezwe uMntwana uThulani Zulu obenengxoxo ngempelasonto lapho kuvele nokuthi kuyichilo ukuthi kukhona abavikela uNatal ekubeni kuyigama elaqhamuka nabacindezeli ababehlasela uZulu bezodla umhlaba.

“Leli gama lafika namaPutukezi namaNgisi ayehlasela uZulu ezodla umhlaba wokhokho bethu. Ngakho liyisikhumbuzo esibi kabi nesivusa uhlevane njengoba ligqamile. Yingakho Ingonyama noZulu wonkana ehlaba umkhosi ukuba ligudluzwe ukuze kwaziwe ukuthi kuKwaZulu lapha hhayi eNatali,” kusho uMntwana uThulani.

AmaPutukezi ahlulwa iSilo uDungane kaSenzangakhona ngesikhathi ezama ukudla umhlaba kaZulu.

Ngesikhathi efika kuleli ,umholi wawo okwabe kunguVasco Da Gama owayedlula elibangise kwamanye amazwe, wafika waqamba ingxenye zaseKZN ngokuthi kuseNatali. Lokhu Amahlubi akujabulela njengoba abenobudlelwano namaPutukezi bokuhwebelana futhi kuwo kwakusho ukuzimela ekutheni awayona ingxenye yombuso kaZulu.

Ngaphandle kwalokho selokhu Indlulamithi yenze lesi siphakamiso ,izwe liyavungama kanti baningi ezinkundleni zokuxhumana asebeqalile ukuthi eKZN kuKwaZulu.

Ngisho nabaseNdlunkulu sebeqalile bafaka izithombe ezikhombisa ukuwa kwegama elithi Natali.

UKhongolose uyalwisana nalokhu njengoba uMnuz Mike Mabuyakhulu ethi akukwazi ukuthi kungasuka umuntu nje athi akuqanjwe kabusha isiFundazwe.Uthi leli gama elithi Natali alinankinga ngoba lisho ukuthi uKhisimusi .

Izihloko zakamuva