INdlovukazi uSihle kaMdluli ilethe usizo kwabakhahlanyezwe yizikhukhula zasoPhongolo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

INdlovukazi yasebukhosini eMawewe inikele ngamaphasela okudla kwabakhahlanyezwe yizikhukhula oPhongolo waphinde wahlola nemizi ecekelwe phansi yizimvula ezinamandla enyakatho neKZN.

Isikhungo Sikazwelonke Sokulawulwa Kwezinhlekelele simemezele lezi zikhukhula njengenhlekelele kuzwelonke, njengoba imindeni engu-158 ithintekile kanye nemizi engu-70 ecekeleke phansi.

Izikhukhula zasoPhongolo, enyakatho neKwaZulu-Natal, zishiye imindeni eminingi ingenakudla nendawo yokuhlala. Ezinye izingane zalahlekelwa wumfaniswano wesikole ngesikhathi izindlu zilinyazwa yizimvula ezinamandla.

INdlovukazi uSihla kaMdluli owaziwa ngelikaQueen Mawewe uvakashele imindeni esigodini esiseduze neSigodlo saseMashobeni. INdlovukazi yasebukhosini eMawewe unikele ngamaphasela okudla nezinye izinto emindenini eminingi ekhahlanyezwe yizikhukhula.

Uhlole izindlu ezilinyazwe yizikhukhula nemvula enamandla.

“Singene emphakathini owakhele isigodlo ukuze sihambise amaphasela osizo oluphuthumayo ezindlini ezikhahlanyezwe yizikhukhula kanye nezimvula ezinamandla. Ngizizwe ngijabule kakhulu ukuthi ngihlanganyele nemindeni esamukela ngezandla ezimhlophe. Ukuqina namandla ayo lapho ebhekene nobunzima kwangikhuthaza ngempela,” kusho uQueen Mawewe.

I-KZN ibhekane nesimo sezulu esiyingozi kusukela kuqale ihlobo. Amadolobha amaningi athintekile.

IJozini okuyidolobha elingumakhelwane nasoPhongolo ngasemngceleni wase-Mozambique nayo ihlaselwe yizikhukhula ezigubuzele izindlu. Izimvula ezinamandla nezikhukhula zithinte imindeni engu-158, izindlu ezingu-70 zicekeleke phansi.

I-CoGTA ikuqinisekisile ukuthi akukho ukushona kwabantu noma ukulimala okubikiwe.

I-National Disaster Management Centre (NDMC) imemezele lezi zikhukhula njengenhlekelele kazwelonke. UDkt Elias Sithole, inhloko ye-NDMC, ikhiphe lesi simemezelo ngaphansi kweSigaba 23 soMthetho Wokulawulwa Kwezinhlekelele. Lesi simemezelo silandele ukuhlolwa kweziphepho kusukela ngasekupheleni kukaZibandlela ka-2025.

Lesi simemezelo sivumela omasipala ukuthi babeke phambili imali yokubhekana nezikhukhula. Lokhu kubandakanya ukuvuselelwa kwezikole, izikhungo zezempilo, ingqalasizinda yomphakathi, izakhiwo ezizimele kanye nezidingongqangi.

Lesi simemezelo sidinga izinhlaka zikahulumeni ukuthi zilethe imibiko yenqubekelaphambili ku-NDMC.

Esithombeni esingenhla: Indlovukazi uSihle kaMdluli ehlola imizi ecekelwe yizikhukhula oPhongolo.

Umthombo wesithombe: Zulu Royal Kingdom

Izihloko zakamuva