Ikhansela laselokishini ligaqele ukuhola iDA KwaZulu-Natal

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ikhansela leDemocratic Alliance laseLamontville, eThekwini libalwa nabaholi abagaqele isikhundla sokuhola iDA KwaZulu-Natal njengoba esezibeka phansi izintambo uMnuz Froncois Rodgers.

Le nhlangano kulindeleke ukuba ngenyanga ezayo ibambe inqgungquthela yokukhetha ubuholi besiFundazwe kanti amagama alabo abagaqele izikhundla afakwe kuleli sonto okuvulwe ngalo obekungoMsombuluko.

UMnuz Sthembiso Ngema oyikhansela laseLamontville obuye abeyiphini likaRodgers kuleli qembu, usekubeke kwacaca ukuthi usigaqele lesi sikhundla futhi akayiboni into engamuvimba ngoba sekunesikhathi elekelela ehhovisi lomholi wesiFundazwe ezinhlelweni zaleli qembu.

UNgema obuye aziwe ngokuhola izingoma emibuthanweni yaleli qembu, ugaqele lesi sikhundla kanye noMnuz Mzamo Billy oyilunga lo Mkhandlu weziFundazwe eKapa.

Abanye abagaqele izikhundla uMnuz Martin Meyer ,uMnuz Dean McPherson nabanye.

URodgers ophethe ihlandla lesibili kule nhlangano uthe yena usethi khumu ukuze akwazi ukugxila emsebenzini wakhe wokuba uNgqongqoshe namabhizinisi asekhaya kwakhe.

URodgers uyakholwa ukuthi sekuyisikhathi sokuba kuthathe intsha ihole leli qembu KwaZulu-Natal ngoba yena uyidlalile eyakhe indima .

URodgers uthathe izintambo kuMnuz Zwakele Mncwango owagcina ehlubukele ku-ActionSA ekubeni yena ayethathe kuMnuz Sizwe Mchunu owahlubukela kuKhongolose.

Leli qembu KwaZulu-Natal likelaphathwa abamhlophe nokwathi uma sekuphuma uMnuz Rodger Barrows ,kwangena uMchunu njengomnyama wokuqala ukuba umholi walo esiFundazweni.
UMchunu kuthe uma kungena yena lakhula ngamandla laze laba iqembu eliphikisa ngokusemthethweni eKZN ngemumva kokhetho lwangonyaka ka-2014.

UMchunu ungomunye wabaholi ababeyizuntandokazi ku-DA njengoba ayekhuliswe uNkosikazi kaMnuz Tony Leon owaye ngumholi wale nhlangano.

Izihloko zakamuva