Dylan Bettencourt
Sivunywe yizinkantolo zase-Australia ngeSonto ekuseni isinqumo sikaNgqongqoshe Wezokufika u-Alex Hawke sokukhansela i-visa kaNovak Djokovic okwesibili, futhi kubonakala sengathi uDjokovic uzogibela indiza ebuyela e-Serbia.
Umdlali wethenisi ohamba phambili emhlabeni, osephenduke undabamlonyeni ngokuba “umdlali ophikisana nomgomo” uzovinjelwa iminyaka emithathu ukuthi aphinde angene e-Australia.
Lesi sinqumo senziwe ngesisekelo sokuthi ukuba khona kwalesihlabani sase-Serbia esihamba phambili emdlalweni wethenisi ezweni kungahle kudale iziyaluyalu zomphakathi njengoba abaningi bebona uDjokovic “njenge qhawe labanqaba umgomo”.
Ithimba labammeli bomdlali oneminyaka engu-34 ubudala lithi lesi sinqumo asizange sibe nesiphetho esiphelele ngoba isinqumo sikaHawke besingenangqondo.
Leli thimba labammeli liphinde lathi isinqumo esithathwe ngungqongqoshe wezokufika sisekelwe esitatimendeni salo mdlali mayelana nemigomo ye-Covid-19 ngaphandle kokufuna imibono yakhe. Abammeli bengeze ngokuthi uHawke akazange akucabange ukuphikisana kwakhe nomgomo ngesikhathi i-visa yakhe isulwa.
Ngesonto umeluleki kaNgqongqoshe uStephen Lloyd uthe i-Australia akumele ihlukunyuzwe “ukuba khona komuntu wangaphandle nokwesaba ukuthi kuzokwenzekalani uma esuswa.”
Njengoba uHawke esebenzise amandla akhe obuNgqongqoshe ukukhansela i-visa kaDjokovic umdlali wethenisi ngeke avunyelwe ukuthola i-visa yokungena ezweni iminyaka emithathu ezayo.
Singaguqulwa lesi sinqumo esikhathini esizayo ngesisekelo sozwelo noma izintshisekelo zezwe.
UDjokovic ungene kuleliyazwe ekuqaleni kukaMasingsna ngethemba lokuqopha umlando ngokuwina isicoco sakhe sesi-10 sase-Australia nese-21st Grand Slam kodwa wavalelwa ngesikhathi i-Australian Border Force ihoxisa i-visa yakhe.
Lesi sinqumo siye sachithwa kanti uDjokovic ubebukeka ezodlala kulo mqhudelwano ngaphambi kokuthi i-visa yakhe ihoxiswe okwesibili.
UDjokovic uzobheka kuma-Grand Slam amathathu asele ngokuya ngezidingo zokugoma, uma enganqoba isicoco sakhe se-Grand Slam sesi-21 kulo nyaka.
Umthombo wesithombe: @AlJazeera