IGhetto Kids ibonga abalandeli  ngokuyeseka

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Iqembu lomdanso lase-Uganda i-Ghetto Kids libonge abalandeli ngokubaseka kwabo naphezu kokuphuthelwa umklomelo wokuqala we-British’s Got Talent.

Iqembu labadansi abasebasha abanekhono abavela e-Uganda bathandwe emhlabeni wonke ngemuva kokuthola “i-golden buzzer” kolulu hlelo.

I-Ghetto Kids iyiqembu lomdanso lezingane ezineminyaka ephakathi kwemihlanu nengu-13 ezikhulela esikhungweni sokunakekela izingane e-Uganda. Benza imidanso ekhangayo ekhombisa ubuntu babo kanye nokuhlela okuhlaba umxhwele kanti leli qembu lifinyelele kowamanqamu.

Leli qembu litshele i-BBC ukuthi yize liphuthelwe umklomelo wokuqala oye kusomahlaya wase-Norway, uViggo Venn bakujabulele ukwesekwa abakunikezwe ngabantu. Odle umhlanganiso uVenn owine u-£250,000.

Lo somahlaya wase-Norway uwine ngo-22.5% ngesikhathi iqembu lase-Uganda liphuma endaweni yesithupha ngo-10.1%.

Izingane ezivela emigwaqeni ewubhuqu yase-Kampala e-Uganda zimela amaphupho, izifiso kanye namathemba ezingane eziningi ezihlala e-ghetto, emigwaqeni nakwezinye izindawo ezingaphephile ezingenazo izidingo eziyisisekelo zokuphila.

Ngethalente lazo elimangalisayo izelamani zifinyelele esigabeni esiphezulu ku-British’s Got Talent.

Baphinde baba nethuba lokusebenza namaciko amaningi amazwe namazwe okubalwa kuwo uFrench Montana, uChris Brown, uSwae Lee, uWizKid, u-Eddy Kenzo, uRuntown, uJapanese Pikotaro nabanye abaningi. Leli qembu lifakwe kwezinye izinkundla ezihlonishwayo emhlabeni.

I-Ghetto Kids yaqala ukuduma ku-inthanethi ngo-2014 ngesikhathi ividiyo yabo yokuzenzela yengoma ethi-“Sitya Loss” ka-Eddy Kenzo isabalala ezinkundleni zokuxhumana.

Isiqeshana sevidiyo entsha bedansa emgwaqeni owubhuqu sivule isango lamathuba amavidiyo athandwa kakhulu ku-YouTube .

Nyakenye leli qembu langena esiteji kwiNdebe yoMhlaba e-Qatar okungenye yemidlalo eminingi ethandwayo emhlabeni jikelele.

Izihloko zakamuva