Menzi Magubane
IBanyana Banyana ithwalise kanzima i-Nigeria emdlalweni wabo wokuvula ka-Group C kwi-Women’s Africa Cup of Nations ngoMsombuluko ebusuku e-Morocco.
Elakuleli limangaze izintandokazi zomqhudelwano lazishaya ngamagoli amabili kwelilodwa.
Izinhlangothi zombili zichithe isigamu sehora lokuqala zijahana. Ngemuva kwalokho amathuba aba maningi futhi avuleka ngokushesha.
Indlela ethembisa kakhulu yeBanyana ebheke epalini bekubonakala sengathi isuka ekhoneni, kodwa ama-cross abo abelokhu ephucwa abadlali abade base-Nigeria. Umdlalo uye esiwombeni ngaphandle kwegoli.
Ngomzuzu ka-61 iBanyana ihambe phambili ngegoli elihle likaJamaine Seoposenwe. Akuphelanga nemizuzu emithathu uHilda Magaila wafaka elesibili esizwa ngukaputeni uRefiole Jane.
Abase-Nigeria babambe ongezansi bahluleka ukulawula lo mdlalo. Esiwombeni esilandelayo iBanyana yenze isiqiniseko sokuthi abalifaki igoli.
Kuthe kusenjalo kungazelele muntu emdlalweni uRasheed Ajibade washaya igoli, kodwa kwabonakala ukuthi sekuhambe isikhathi njengoba iBanyana Banyana ibisiyazi ukuthi isiwunqobile lo mdlalo.
Ukunqoba kunikeze iBanyana ithuba elihle lokudlulela esigabeni somkhumulajezi. Ngokulandelayo izodlala ne-Burundi ngoLwesine iphinde izobhekana nomakhelwane i-Botswana ngeSonto.