Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
I-Cloudy Deliveries iqale ukusebenzisa amabhayisikili kwaLanga ngo-2020 ukuletha igilosa kubahlali nokudala amathuba emisebenzi entsheni yasendaweni.
Leli bhizinisi liqasha abasebenzi abaneminyaka esukela kwengu-15 ukuze intsha ikwazi ukuthenga umfaniswano wesikole futhi ibalekele imisebenzi yasemgwaqeni engekho emthethweni.
Abantu bakwaLanga abangakwazi ukuphuma ezindlini zabo beyothenga igilosa basebenzisa amafoni abo ukushayela i-Cloudy Deliveries.
Ibhizinisi lisebenzisa amabhayisikili ukulethela abahlali igilosa nezinto zokuthenga. Umsunguli uColin Mkosi uqale le nkampani ngo-2020 esebenzisa amabhayisikili angamasekeni abiza phakathi kuka-R150 no-R250.
Ukuhambisa kubiza u-R30 uma udiliva kwaLanga no-R70 uma uhambela ngaphandle kwelokishi. Amakhasimende asebenzisa inombolo yefoni ukuze afake i-order.

UMkosi uthe waqala leli bhizinisi ngoba abantu bebematasa bengakwazi ukuya ezitolo. Wayefuna nokuvikela intsha emaqenjini ezigebengu nasezidakamizweni.
Leli bhizinisi liqashe abantu abasha abaphakathi kweminyaka engu-15 no-27 ubudala. UMkosi uthe intsha ingeneka kalula ukuthi yenze izinto ezingekho emthethweni uma inesikhathi sokuphumula.
Intsha icela imisebenzi ukuze ikwazi ukusiza abazali bayo ukuthenga ukudla noma imifaniswano yesikole.
U-Ivani Jack uneminyaka engu-15 ubudala. Usebenza ebhizinisini ngezimpelasonto futhi uya esikoleni phakathi nesonto.
UJack usebenzisa imali yakhe ukuthenga umfaniswano wakhe wesikole, ugesi noshukela.
“Lo msebenzi ungiphephisile ekubhemeni izidakamizwa nokunye okuningi okuphambene nomthetho okuhujwa ontanga,” kusho uJack.
Umthetho waseNingizimu Afrika uvumela izingane ezineminyaka engu-15 ubudala ukuthi zisebenze. Umthetho uyabavimba ukuthi basebenze amahora angaphezu kuka-20 ngesonto ngesikhathi sesikole.
Isakhamuzi sakwaLanga uThandiswa Nkuhlu usebenzisa uhlelo lokudiliva uma egula. Uthemba abasebenzi ngokwanele ukubanika ikhadi lakhe lasebhange ukuze bamthengele igilosa.
Ikhansela lesigceme sakwaLanga, uLwazi Phakade, lithe leli bhizinisi lenza umsebenzi omuhle emphakathini onabantu abangu-52 000.
Uthe u-40% wabantu abasha kwaLanga abanayo imisebenzi.
UPhakade uthe ubugebengu endaweni buhlobene nesimo esingesihle esihlala kulona elokishini.
Esithombeni esingenhla: I-Cloudy Deliveries, inkampani edilivayo kwaLanga, iletha izinto ezifana negilosa nokunye kubahlali.
Umthombo wesithombe: Colin Mkosi
