Ibandla lifaka amakholwa kwezamabhizinisi ukuvika ukuntenga komnotho

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ubuholi bebandla i-Ebenezer Family Church eSikhawini buqale uhlelo lokukhuthaza amakholwa ukuba angene kwezamabhizinisi nokuzithuthukisa ngokwamakhono.

Lokhu kugqame ngempelasonto ngesikhathi leli bandla lethula iBusiness Desk nobekucijwa kuyo amakholwa ngemikhakha eyahlukene kwezamabhizinisi ngosizo lweNYDA nezinye izinhlaka ebezimenyiwe.

UMfundisi Ambrose Msiza uthe ukusungula kwabo iBusiness Desk ebandleni ukuzama ukuba amakholwa ahlome kwezamabhizinisi ukuze akwazi ukudlala indima ebalulekile emnothweni nokuba abaqashi bakusasa kunokuba bafune amatoho.

“Nami ngingusomabhizinisi kodwa ngibone kungcono ukuba siyibandla siyitshale imbewu yokuzithuthukisa singamakholwa ukuze sibe osomabhizinisi abazimele nabakwazi ukuba abaqashi. Yingakho simeme neNYDA ukuze ikhuthaze intsha yethu ekutheni ingabheki kuphela ukuba funded bese iyofuna amatoho kodwa mayingene kwezamabhizinisi ukuze ibengabaqashi bakusasa. Empeleni sifisa ukuthi lokhu kwenzeke nakuwona wonke amabandla ukuze sibe nemiphakathi ekwaziyo ukuziphilisa nokuzithuthukisa,” kusho uMsiza.

Ukusho lokhu nje isimo somnotho siyaqhubeka nokuthwalisa kanzima izakhamizi njengoba nentengo kaphethroli nodizili isimba eqolo ngendlela eyisimanga.

Ngisho iSouth African Reserve Bank ithwalisa kanzima izakhamizi njengoba yenyusa inzalo yemalimboleko nokwenza kuzwele kakhulu kwabaningi ikakhulukazi wona amakholwa ahamba njalo eyezinkonzweni abuye ayemsebenzini.


UMsiza uthe bakhuthaza amakholwa ukuba angene emabhizinisini ehlukene nahambelana namakhono anawo.
Ubesho lokhu ebala izonhlobo zemikhakha yamabhizinisi okuyizinkontilaki, imfashini, umkhakha wokupheka,owezokuthutha neminye eyahlukene.

Izihloko zakamuva