I-Ukraine izotholana phezulu ne-Scotland

Dylan Bettencourt

Ngemuva kwezinyanga zokubambezeleka, umdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ye-Fifa phakathi kwe-Ukraine ne-Scotland uzodlalwa ngoLwesithathu ebusuku ngo-8.45 ebusuku.

Lo mdlalo bekumele udlalwe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kodwa wahlehliswa, okunikeze iqembu lebhola lase-Ukraine kanye nabalandeli balo isikhathi sokugxila engxabanweni yabo ne-Russia, osekuzophela inyanga yesine iqalile.

Ukuthola indawo kwiNdebe yoMhlaba yinto ebaluleke kakhulu kwi-Ukraine kodwa ukuba iqembu eliphuma enkundleni yebhola yize kuqhubeka impi kusafana nokunqoba kukukodwa lokho. Umdlalo umayelana nokunqoba ubunzima nokufakazela ukuthi inzondo ayikwazi ukubahlula.

Lo mdlalo kuhlelwe ukuthi ube e-Hampden Park e-Scotland, kodwa uzozwakala njengomdlalo ozobe usekhaya kwabase-Ukraine abazokwesekwa yizihlwele.

“Ngicabanga ukuthi abantu bazobe bejabule emhlabeni wonke,” kusho u-Andriy Smondulak, wase-Ukraine ozobe esenkundleni yezemidlalo etshela i-BBC Radio’s Good Morning Scotland.

“Ngicabanga ukuthi i-Hampden Park okwesikhashana izozizwa njengendlu ye-opera egcwele imizwa, ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.”

Lo umdlalo wokuqala we-Ukraine selokhu iqale ukuhlaselwa ngomhlaka-24 kuNhlolanja futhi mhlawumbe ubaluleke kakhulu.

Ozowina kulo mdlalo uzobhekana ne-Wales ngeSonto lapho okuzobangwa khona indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba e-Qatar kanti iqembu elizowina lapho lizoba eqoqweni elilodwa neNgilandi, i-Iran kanye neMelika.

USmondulak wengeze ngokuthi umdlalo uzoba wuphawu kubantu base-Ukraine.

“Kumayelana nokukhombisa umhlaba ukuthi, naphezu kokwesabeka okukhulu kwempi kanye neqiniso lokuthi i-Ukraine izivikela embuthweni wesibili onamandla emhlabeni, imilingo iyenzeka,” esho.

“Sithandazela umlingo omncane ngoLwesithathu.”

Umdlalo owandulela owamanqamu wokuhlungela iNdebe yoMhlaba phakathi kwe-Scotland ne-Ukraine kulindeleke ukuthi uqale ngo-8.45 ebusuku ngoLwesithathu, uzobukwa bukhoma  esiteshini se-DStv 203.

Izihloko zakamuva