Dylan Bettencourt
I-Ukraine Premier League ithathe isinqumo sokuthi iyihoxise imidlalo yeligi kulandela ukuhlasela kwe-Russia.
Ayikho imiphumela ezokhishwa ngale ligi kumiswa yonke into.
Iligi yase-Ukraine ayibange isabuya ngemuva kwekhefu lasebusika ngoZibandlela njengoba i-Russia ihlasela leliyazwe ngoNhlolanja.
I-Shakhtar Donetsk ibizihola phambili kwiligi kuyiwa ekhefini, idlula i-Dynamo Kyiv ngamaphuzu amabili.
Iligi ikuqinisekisile ukuthi sebeziqalile izingxoxo zokuthi iligi izoqala ngesizini ezayo ehlelelwe uNcwaba.
Ukuhlelela abantu ukuya enkundleni kufanele kwenziwe njengoba inkundla ye-FC Mariupol manje isilawulwa i-Russia. Inkundla yase-Desna Chernihiv icekelwe phansi ngamasosha ase-Russia futhi izodinga ukulungiswa ngaphambi kokuba iphinde isetshenziswe.
I-Shakhtar Donetsk ne-Dynamo Kyiv, abanezicoco zeligi zase-Ukraine ezihlangene ezingu-29 phakathi kwabo, basanda kudlala imidlalo yobungani ngenhloso yokuqoqa imali ezosiza izisulu zokuhlasela.
Emdlalweni wakamuva we-Kyiv ne-Borussia Dortmund yase-Germany kuqoqwe u-R6.7 million.
La maqembu womabili asezozitholela indawo kwi-Uefa Champions League ngenxa yokuqeda phezulu kuligi.
Iqembu lesizwe lase-Ukraine lisasembangweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoba e-Qatar kulo nyaka. Uhlehlisiwe mdlalo wabo we-playoff ne-Scotland ekuqaleni konyaka.
Kodwa-ke, lowo mdlalo usuhlelelwe umhla zizinye kuNhlangulana lapho ophumelele kuzofanele abhekane ne-Wales ukuze athole indawo emqhudelwaneni wodumo.
Umthombo wesithombe: @TheseFootballTimes