Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Nyakenye i-Fish River Resort eseduze kwase-Port Alfred, e-Eastern Cape yayinethimba le-International Film Crew labantu abangu-48.
Bekumele ithuthukiswe ngemali engu-R500 million okuhlanganisa nokwakha isitudiyo samafilimu esisezingeni lomhlaba.
Le ndawo yokungcebeleka engaphansi komphakathi wase-Prudhoe ibiphethwe inkampani ebizwa nge-MahalaX nayo ebibhekelele ukuletha abatshalizimali.
Lokhu kuthuthukiswa kwakuhlelelwe ukuvula indlela entsha yemali engenayo kule ndawo, emphakathini kanye nasezindaweni eziyizungezile. NgoNhlangulana nyakenye kwaqala ukuthwetshulwa isizini yesishiyagalolunye ye-Survivor SA kule ndawo yokungcebeleka.
Kodwa lolu hlelo lwamiswa kusasele izinyanga ezimbili ukuthi luqale ngesikhathi iqembu le-Prudhoe Community Trust elalifuna ukuqondisa nokuthola izinzuzo lithatha indawo yokungcebeleka futhi lixosha amalungu angu-48 eqembu lefilimu lamazwe ngamazwe.
I-MahalaX ayikwazanga ukuhlangabezana nezibopho zayo ngokwezezimali kwi-Prudhoe Trust futhi yaphoqeleka ukuthi iyishiye phansi.
Okhulumela uMnyango wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya e-Eastern Cape, uMnu Reggie Ngcobo uthe umnyango awusangeni ekuphathweni kwale ndawo kodwa uchaze kabanzi ngesivumelwano.
“Siyazi ukuthi umphakathi wase-Prudhoe wangena esivumelwaneni sokuqashisela i-MahalaX itayitela ukuze isebenzise le ndawo,” esho.
“Inkampani ibihlose ukusungula isitudiyo samafilimu kule ndawo. Umphakathi waphetha isivumelwano ngawodwana futhi umnyango ubungeyona ingxenye yalolu hlelo.”
Esithombeni esingenhla: Indawo yokungena e-Fish River Resort
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe