I-Eden Park ivala izitolo ezinhlanu zakwamanye amazwe kanti kuzolandela ezinye maduze

Lubhalwe nguPalesa Matlala

Umholi womphakathi u-Abongile Sigobongo uthi izakhamuzi zase-Eden Park zivale izipaza eziyisihlanu zase-Ethiopia ngoLwesithathu ngaphandle kodlame noma ukuphanga.

Umnikazi wesitolo u-Abdulle uthi usevele uyayikhokha irenti ngokusemthethweni, kodwa izakhamuzi ziyafunga ukuthi zizovala izitolo eziningi e-East Rand.

Izakhamizi zase-Eden Park zivale izipaza eziyisihlanu zase-Ethiopia ngoLwesithathu.

Bathi umkhankaso ngeke ugcine lapho.

Amakhulu abantu amashe eGreenfields, elokishini laseKurhuleni, ayalele abanikazi bezitolo ukuthi baqoqe izinto zabo bahambe. Emahoreni ambalwa nje, izisebenzi zase zilayisha amashalofu, amafriji nesitoko emavenini , kanti izitolo ezinhlanu zase zivele zingenalutho.

Umholi womphakathi u-Abongile Sigobongo uthe ukuvalwa kwezitolo kuyingxenye yomkhankaso osabalele e-East Rand kuleli sonto, kanti izakhamuzi zihlela ukuvala ezinye izitolo ngoLwesine.

“Umsebenzi wethu namhlanje wukususa abokufika abaphethe amaspaza,” usho kanje.

USigobongo uthe umphakathi ufuna kuvalwe izitolo ngokuthula ukuze kunqandwe ukuphanga nokucekelwa phansi kwempahla.

Uthe inhloso wukuthi abantu baseNingizimu Afrika baziqhubele ngokwabo la mabhizinisi, ngoxhaso lukahulumeni okuhloswe ngalo ukusiza osomabhizinisi abamnyama nabancane.

Uphinde wathi ezinye izakhamuzi zasatshiswa ngezibhamu ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso.

I-Scroll.Africa ayikwazanga ukuqinisekisa lokhu ngokuzimela.

U-Abdulle, ongumnikazi wezitolo ezintathu kwezihlanu, uthe lezi zakhiwo uziqashisa ngokusemthethweni ngo-R4 000 ngenyanga ngayinye.

“Akumele basisole, kumele babuze abanikazi bemizi ukuthi kungani besiqashisa ngalezi zitolo, nathi sikhokha irenti nyanga zonke njengabo bonke abantu,” usho kanje.

Isakhamuzi uNomvula Navu uthe umphakathi usuvele uxwayise abanikazi bezitolo ukuthi bahambe ngaphambi kombhikisho wangomhlaka-30 wokulwa nabokufika.

“Asifikanga ngaphandle kwesixwayiso, sabatshela ngaphambi komnqamulajuqu wangomhlaka-30 kuNhlangulana ukuthi kumele bahambe ngoba umphakathi ususithathile isinqumo,” usho kanje.

Uhulumeni uthe imithetho yezokufika kumele ilandelwe ngezinqubo zomthetho, futhi usexwayise imiphakathi ngokuzithathela umthetho ngezandla.

Amaphoyisa abeqaphe ukuvalwa kosuku lonke. Akubikwanga muntu olimele kabi yize ezinye izintatheli ebezibhala lo mbhikisho zijikijelwe ngamazwi abanikazi bezitolo nabanye abokufika.

Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi zaseGreenfields, e-Eden Park ziphoqe izipaza ezinhlanu zase-Ethiopia ukuthi zivalwe ngemuva kokumasha kulo lonke leli lokishi.

Umthombo wesithombe: UPalesa Matlala

Izihloko zakamuva