“I-Covid icishe yangibulala. Manje ngilwela ukusindisa umphakathi wangakithi.”

Ukusinda kumzabalazo obulalayo wokulwa negciwane le-corona kwanele ukwenza noma ngubani ukuthi athathele i-Covid-19 phezulu, kanti noPatrick Bayini akehlukile.

UPatrick uhlala esiFundeni i-Sarah Baartman e-Eastern Cape, esinye sezindawo ezihlonishwa kakhulu ezweni lonke, lapho leli gciwane lidlange khona, futhi uzinikela ekudlaleni indima yakhe ekunqobeni leli gciwane.

Ulwa kanzima negciwane elibulalayo yize licishe lathatha impilo yakhe.

Le ndoda eyi-shop steward ye-NEHAWU eneminyaka engama-54 ubudala yaxoshwa esibhedlela i-Life Esidimeni Psychiatric e-Kirkwood ngoNhlangulana ngenxa yokuba yingxenye yombhikisho wama-PPEs ngenkathi isibhedlela sihlaselwa yelesi sifo.

“Ngahlolwa ngatholakala ngine-Covid-19. Umndeni wami bewuhlezi usekhaya ngesikhathi somvalelo futhi ngikholwa wukuthi ngithelele unkosikazi nendodakazi yami,” etshele abakwa-Scrolla.Africa.

“Kwamele ngishiye ikhaya lami ngiyohlaliswa ngedwa e-Nelson Mandela Bay Stadium.”

Lapho uPatrick elulama wayazi ukuthi kufanele aqhubeke nokulwa nesitha esingabonakali.

“Ngiyazi ukuthi leli gciwane libulala kangakanani. Angikwazanga ukusonga izandla ngibuke umphakathi wami ubulawa yilo.”

UPatrick wavolontiya e-Sundays River Collaboration egxile kakhulu ekulawuleni izinambuzane nasekufuthweni.

“Sifutha iminyango ehlukene kahulumeni futhi ngiya nasezinxanxatheleni zezitolo nomuntu okhulumela phezulu futhi ngifundisa abantu.

“Abantu abangaphansi kukaMasipala wase-Sundays River Valley abahambisani nezinyathelo zokuqapha i-Covid-19. Ayikho imikhankaso yokuqwashisa lapha yize siyisizinda esidume kakhulu,” uyasho.

“Ngiyazi ukuthi leli gciwane libulala kangakanani. Angikwazanga ukusonga izandla ngibuke umphakathi wami ubulawa yilo.”

Izihloko zakamuva