I-Covid eAfrika: Ngabe senze iphutha na?

Sekuphele izinyanga ongoti bezempilo nabezindaba bexwayisa ngenhlekelele ye-Covid ebheke eAfrika.

Ukuntula, izindawo ezigcwele ngokweqile, ukungakwazi ukwehlukaniswa komphakathi kanye nesimo sempilo yomphakathi esingesihle konke kulindeleke ukuthi kube nomthelela ekusabalaleni okungalawuleki.

Kungani-ke izibalo ze-Covid-19 zehla kakhulu eNingizimu Afrika futhi zilokhu ziphansi kulo lonke elaseAfrika?

Ochwepheshe manje bathi kungenzeka ukuthi empeleni ukuntula kuvimbela i-Covid-19.

I-BBC ithi iNingizimu Afrika isebenze kahle kakhulu, kanye neAfrika yonkana.

“Amazwe amaningi aseAfrika awafinyeleli kwisiqongo sokubhebhetheka kwegciwane. Angiqondi ukuthi kungani. Ngididekile,” kusho uSolwazi uSalim Karim, okhulumela ithimba eliphambili ekuphenduleni ngobhubhane eNingizimu Afrika.

Akusikhona nje ukuthi abantu baseAfrika bancane kakhulu.

Umvalelo kanye nokuthumela imiyalezo ngezifonyo kudlale indima enkulu.

Kodwa manje ososayensi bakholelwa ukuthi izimo ezingezinhle ezabaholela ekwesabeni okubi kakhulu kungenzeka ukuthi yizo ezisindisa abantu eAfrika.

Ososayensi bakholelwa ukuthi kungenzeka ukuthi sitheleleke kakhulu ngamanye amagciwane e-corona – njengemikhuhlane kanye namakhaza – okugcine kwakha amasosha omzimba anamandla.

Imiphakathi entulayo kungenzeka ukuthi ibiyisizinda sokubhebhetheka kwegciwane ngakho-ke, kumele bajabule ukuthi kungenzeka bengatheleleki ngenxa yamasosha omzimba anamandla.

Njengamanje abantu bayaqagela nje.

Okwamanje, ngokusho kwe-BBC, imfihlakalo yobhadane lwaseAfrika oluncane luyaqhubeka. 

Izihloko zakamuva