
Razeen Gutta
Amagoli avela kuKevin De Bruyne kanye noRiyad Mahrez asize i-Manchester City ukuthi iwine ngo-4-1 ibhekene neqembu le-Manchester United ebelikhumbule uCristiano Ronaldo kakhulu.
Iqembu likaRalf Rangnick nalo lidlale ngaphandle kukaLuke Shaw, u-Edinson Cavani kanye noRaphael Varane ngenxa yokulimala kanye nokuthi batholakale betheleleke nge-Covid-19.
Ngakolunye uhlangothi, osokhaya bakwazile ukuthola ukwesekwa enkundleni ebigcwele yezemidlalo i-Etihad. Ukusho ukuthi balawule umdlalo kuzobe kuyiqiniso; bahlasele ngokuphindwe kahlanu futhi bebeno-70% we-possession ngokumelene nezimbangi zabo.
Abawinile bebeno-92% we-possession ngesikhathi kungena igoli lesithathu.
UDe Bruyne uvule inkundla ngegoli kungakapheli imizuzu emihlanu ngaphambi kokuthi uJadon Sancho alinganise ukunikeza i-United inhlansi yethemba.
Owase-Belgium ubuyisele i-City ekutheni ihole phambili ngokuhamba kwesikhathi, kodwa-ke, yaphinda yakhuphuka emdlalweni omkhulu.
Kube nokunye okufanayo esiwombeni sesibili nge-volley kaRiyad Mahrez ephuma ebholeni likaDe Bruyne ngemuva kwehora ukutholela osokhaya igoli lesithathu lomdlalo.
UMahrez ubambe elinye ibhola ngesikhathi sokuma, wehlisa igebe lomehluko we-City ne-Liverpool kwaba elilodwa phezu kwetafula.
Imibiko yangaphambi komdlalo iphakamise ukuthi uRonaldo ucele ukuthi ashiywe ngaphandle ngosuku lomdlalo ngemuva kokutshelwa ukuthi akekho kwabangu-11 abazoqala umdlalo.
I-Citizens isisele ngamaphuzu ayisithupha kwizimbangi zayo zesicoco se-Merseyside. Kodwa-ke i-Reds inomdlalo osasele njengoba la maqembu amabili ezohlangana e-Etihad ngoMbasa.
Khonamanjalo i-Manchester yona izithola isiphumile kwabane abaphambili ngemuva kokuthi i-Arsenal ishaye i-Watford ngo 3-2 ngoMgqibelo. I-Gunners ihamba phambili ngamaphuzu amabili kwi-United esasalelwe imidlalo emithathu njengoba isabheke ukuphonsela i-Chelsea inselelo endaweni yesithathu.