I-ANC ihlela ukuhlakaza iSanco kaZuma

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ikusasa lalowo owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma lisengcupheni njengoba i-ANC inezingxoxo ezinqala namadlelandawonye ayo ukuze kuhlakazwe i-South African National Civic Organisation (Sanco).

Lokhu sekuqubule ulaka ohlakeni lwe-Sanco KwaZulu-Natal oluholwa uZuma.

Abaholi bayo bathi kunomkhankaso wokudicizelela uZuma phansi ngokuhlakaza i-Sanco KwaZulu-Natal njengoba esanda kukhethwa njengoSihlalo wayo esifundazweni.

Imithombo ye-Scrolla.Africa iveze ukuthi uNobhalaJikelele we-ANC ubize umhlangano obekufanele ube eLuthuli House ngoMsombuluko ukuze kuphothulwe isinqumo sokuhlakazwa kwazo zonke izinhlaka ze-Sanco esifundazweni nokuthi zakhiwe kabusha ukulungiselela ukhetho lukazwelonke lwango-2024.

“Le nto iqalwe abaholi baseGoli abasola thina njengeKwaZulu-Natal ngokuphendula i-Sanco ikhaya lomhlalaphansi likaZuma kanye nomndeni wakhe. Sitshelwe ukuthi isinqumo kumele siphume ngoLwesine kuleli sonto.

“Ngeke sisichithe lesi sinqumo kodwa sifuna ukubuyisela uZuma ohlakeni olusha ngoba sisamdinga KwaZulu-Natal futhi sidinga ukumhlenga ehlazweni abafuna ukumfaka kulo,” kusho umthombo.

Umhlangano obekumele ube ngoMsombuluko awuzange ube khona ngemuva kokuthi ubuholi bukazwelonke bukhiphe isitatimende buyalela izinhlaka zabo ukuthi ziwudube.

Esitatimendeni ubuholi bukazwelonke be-Sanco buthe bufuna ukukhuluma ngezindaba ezithinta i-ANC zokuqoka amakhansela ngaphandle kokubhekelela izidingo zomphakathi nezinye izindaba.

“I-ANC inqume ukusibukela phansi ngokunganaki izinto ezithinta imiphakathi yethu. Basitshele ukuthi bafuna sihlangane ngoMsombuluko sidingide uhlelo lokhetho lukazwelonke lwangonyaka ozayo. Sinqume ukuhoxa emhlanganweni ngoba i-ANC isibukela phansi,” kufundeka isitatimende.

Okhulumela i-Sanco KwaZulu-Natal uNomcebo Msomi kanye noNobhala uMnu Richard Mkhungo abatholakalanga ukuthi baphawule njengoba omakhelekhukhwini babo bebengangeni.

Esithombeni esingenhla: I-Sanco KwaZulu-Natal isola i-ANC ngokuhlupha usihlalo wayo uJacob Zuma

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva