USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlonze esifundazweni
KwaMashu – Usinde ngokulambisa umnikazi wespaza esigcemeni sakwa-C KwaMashu ngemuva kokuthi kukhona ozame ukushisa isitolo sakhe elele kuso ngezithuba zabo-02:00. Usindiswe ukumemeza acela usizo, kwafika omakhelwane bakhe bezomhlenga ngokucisha umlilo ngaphambi kokuba ushise ngokuphelele ikhonteyina abeyisebenzisa njengesitolo sakhe. Kukholakala ukuthi ukuhlasela kungenzeka kuhlobene nokuncintisana phakathi kwamaspaza endaweni.
ELoskop – Ukwakhiwa kwezindlu eLoskop, eduze kwase-Estcourt, kubambezelekile futhi. OwayenguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uSipho KK Nkosi wathembisa ngoMfumfu nyakenye ukuthi kuzoqhubeka ukwakha kodwa akukho okushintshile. Osonkontileka bathi abakaze bakhokhelwe kusukela lapho, futhi amabhizinisi abo adonsa kanzima.
EThekwini – Umasipala weTheku usuqalile ukufaka amamitha kagesi wekhadi ezikoleni. Kuze kube manje zingu-66 izikole kwezingu-1 000 ezingaphansi kwalo masipala esezifake izicelo. Kugxilwe ekusizeni izikole ezicwile ezikweletini ngenxa yokungakhokhelwa kukamasipala.
EPiet Retief – Umasipala wendawo yaseMkhondo, osemngceleni waKwaZulu-Natal neMpumalanga, usunqume ukushintsha imoto kanokusho yemeya iMercedes-Benz nemoto eyi-4×4. Lolu shintsho lwenziwe ngoba iMercedes ibingayifanele imigwaqo emibi kule ndawo.
EThekwini – ISouth African National Roads Agency (Sanral) isiwuqalile umkhankaso wayo wokuphepha emgwaqeni njengoba kuza amaholidi kaKhisimusi. NgoMgqibelo, iSanral ibambe umbukiso wokuqala wezokuphepha nabagibeli bamabhayisikili eThekwini. Lo mbukiso uqale eMhlanga wadlula umgwaqo u-N2 othuthukisiwe eMdloti naKwaMashu.
Esithombeni esingenhla: Umnikazi wespaza usinde ngesikhathi isha engaphakathi kwekhonteyina yakhe.
Umthombo: USihle Mavuso