Elase-Ukraine lisiza abantu

Dylan Bettencourt

Ibhola lezinyawo alisajwayelekile e-Ukraine kusukela kuhlasele i-Russia.  

Iqembu le-Shakhtar Donetsk lisanethemba lokuthi izimpilo zabo nezemidlalo zizobuyela esimeni.

Alikho ibhola elike ladlalwa kulesi sifunda kusukela kwenzeke lenhlekelele amaqembu afana ne-Donetsk asethathe isinqumo sokusiza abantu ngokubanikeza ukudla, amanzi nemithi ikakhulukazi kulabo ababaleke emadolobheni abo abadlula e-Lviv.

Iqembu lashiya e-Donetsk laya e-Lviv kulandela impi ebiphakathi kwe-Russia ne-Ukraine kubangwa indawo yase-Crimea ngonyaka ka-2014.

Amalungiselelo emidlalo ye-Uefa Champions League, ukuzilolonga kwansuku zonke, ukushintshwa kwabadlali kanye nezingxoxo zezinkontileka sekuyimvela kancane  njengoba ibhola lithe ukuhoxa kancane.

Isikhulu esiphezulu uSergei Palkin uchithe inyanga edlule eqinisekisa ukuphepha kwabo bonke abadlali nabasebenzi beqembu.

“Sinephupho lokuthi konke kuzobuyela nini esikhathini esijwayelekile. Siphupha ngokuvakashela imidlalo ye-Champions League. Lokho kuzoba ukunqoba okukhulu kakhulu kanye nenjabulo enkulu kithi sonke. Kodwa okwamanje sigcina ngokuphupha kuphela,” kusho uPalkin.

Abantu abaningi babaleke emadolobheni abo badlula e-Lviv befuna ukuphepha emazweni angomakhelwane njengase-Poland.

“Ngahlala e-Kyiv amasonto amabili kwathi ngemuva kwalokho saxoxa nabaphathi beqembu sanquma ukuthi sidinga ukusiza abantu futhi ngabona ukuthi abantu abaningi ababalekayo baqhamuka engxenyeni esentshonalanga ne-Ukraine. Abaphathi banqume ukuya entshonalanga ukuze bavule leli qembu lokusiza abantu,” kusho uPalkin.

Umnikazi weqembu, uRinat Akhmetov, ubize uMengameli wase-Russia uVladimir Putin ngomuntu ophendla impi.

Umnikazi weqembu uxhasa ngezimali kukho konke okwenziwa enkundleni yezemidlalo e-Donetsk esiza izinkulungwane zezakhamuzi ezasuswa ezindaweni zokukhosela.

Abadlali abambalwa base-Donetsk basala ukuze basekwe emizamweni yokusiza abantu. Kodwa labo abanezingane ezintathu noma ngaphezulu batshelwa ukuba bahambe.

Umthombo wesithombe: @TheGuardian

Izihloko zakamuva