Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Amakhansela e-NFP eZululand ashaya amakhala ngokujutshwa kukaMengameli waleli qembu uMnuz Ivan Barnes ekubeni ikhansela lale nhlangano kumasipala waseZululand engahlali khona futhi engavoti nakhona.
Lamakhansela ahlebele iScrolla.Africa ukuthi azibuza ayaziphendula ukuthi ngabe lokhu iqembu ligcine likuvume kanjani ngoba uBarnes uvota eGillits , eThekwini esikhungweni okuyiWinston Primary School.
“Sifuna incazelo yokuthi lo muntu kwenzeka kanjani ukuthi azoba yikhansela le-NFP eZululand ekubeni engahlali ngisho khona. Umthethio wezokhetho awukuvumi ukuthi uvote kwenye indawo bese uyohola umasipala ongavotanga kuwo. lokho kusho ukuthi uzodla imali yesabelo sabantu ongahlangene naso,” kusho omunye wabaholi.
UBarnes ujutshwe iqembu ngonyaka ka-2024 ukuba ayoba ikhansela laseZululand ngemumva kokukhishwa kukaMnuz Sbu Nkosi.
UNkosi owayekade ehlubuke kuDA, wenziwa ikhansela le-NFP eZululand nokwathi uma iqembu selifuna ukujuba uBarnes, lamgudluza kodwa eselwile njengoba waze wayochithwa inkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu.
Kulolu daba inkantolo yabuye yathola ukuthi uNkosi akabuvuselelanga ubulunga bakhe nokwatholakala ukuthi sebuvele sebuphelelwe isikhathi kuNFP.
UNobhala Jikelele we-NFP uMnuz Sunset Xaba ngesikhathi ethintwa ngomyalezo abethunyelelwe wona ukuthi aphawule kuWhatsapp , uvele wabhala ukuthi umatasa kabi akawazi ukuphendula.
UBarnes yena uthe azikho izikhalo asazitholile ngalolu daba nanokuba yikhansela kwakhe eZululand.
“Azikho izikhalo ezikhona ehhovisi lethu mayelana nokuba yikhansela kwami eZululand. Akukho impela engikwaziyo,” usho kanje.
Kwenzeka lokhu nje uBarnes nesigungu sakhe basanda kuchithwa inkantolo ngemumva kokuxosha uNksz Mbali Shinga eqenjini naseSishayamthetho saKwazulu-Natal.
kuthe besachityhwe inkantolo , bavele bamumisa futhi eqenjini nokulansdele ngokuthi ngoMsombuluko bamubhalele enye incwadi betyhi akafake isicelo sokuphikisa isinqumo sokumiswa kwakhe ungakafiki umhlaka-27.
