Bamphike iqhude lingakakhali ozibiza ngoMntwana wakwaNtombela eBabanango

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ubukhosi bakwaNtombela bukhuza buyakhahlela ngoMntwana uFihliwe Ngobamakhosi waseBabanango okuthiwa ubefihlwe eSwatini ukuze abuye esezothatha izintambo zesihlalo .

AbakwaNtombela sebemphike iqhude lingakakhali, bathi abamazi nokumazi ngoba bona baneNkosi eyodwa bengoMahlobo okunguVukile kaMhlabunzima Ntombela eBabanango.

UMnuz Siphamandla Ntombela uthe kuyinhlamba okwenziwa uMntwana uNgobamakhosi ukuthi ahambe ezibuza ngowesihlalo ekubeni bengamazi nokuthi uzalwa kuyiphi indlu.

“Asimazi lo mfana kwaNtombela futhi thina iyodwa inkosi yethu uboMahlobo, uVukani kaMhlabunzima ophethe sonke isizwe soMahlobo. Ngakho ukuthi sinoMntwana ofihlwe eSwatini okuyiNgobamakhosi, asikwazi lokho. Akangasikhulumeli lo mfana into engekho. Siyafisa lento noNgqongqoshe bezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu okungoMhlonishwa uVelenkosini Hlabisa noMfundisi uThulasizwe Buthelezi bangenelele kulolu daba ngoba luzoxova isizwe,” kusho uNtombela.

Uyise omncane weNkosi uVukani kaMhlabunzima okunguMntwana uMntwana uCijimpi Ntombela uthe iNgobamakhosi ivukela umbuso woMahlobo ngoba abayazi nokuyazi emndenini.

“Asimazi lomuntu osehamba ezibiza ngoMntwana wakwaNtombela. Kwakhona lokhu kokuthi ubefihlwe eSwatini asikwazi thina ngoba iyodwa inkosi esesihlalweni futhi yiyo kuphela ebusayo nengabanguswa muntu. Isihlalo esayo ngakho asimazi lo osezibiza ngoMntwana izoba iNkosi,,” kusho uMntwana uCijimpi.

Ukusho lokhu nje kukhona abathi uMntwana uNgobamakhosi uzihlalela ehostela eNancefield futhi abamazi ehlala eSwatini .

UMntwana uNgobamakhosi ugqame kakhulu emibhikishweni yeMarch and March yokulwa nabakuleli ngokungemthetho.

Kule mibhikisho ukewakhuluma ethi yena ungowasebukhosini kwaNtombela eBabanango kodwa ubefihlwe ukulplongelqa ukuba azoba iNkosi yesizwe.

Imizamo yokumthola iphunzile.

Izihloko zakamuva