Amaphoyisa ashaya sengathi awaboni abesifazane bedayisa ngomzimba ngaphandle kwekamu lamaphoyisa 

Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho

  • Abadayisa ngomzimba basebenza obala ngasekamu lamaphoyisa e-Thohoyandou, kanti amanye amaphoyisa kuthiwa angamakhasimende.
  • Izakhamuzi zihlukene phakathi, abanye bakhathazekile ngomyalezo ewuthumelayo lento kanti abanye bacabanga ukuthi kunganciphisa ubugebengu bocansi.

Abesifazane badayisa ngomzimba obala endaweni eqhele ngamamitha ambalwa nje ukusuka ekamu lamaphoyisa e-Thohoyandou. 

Njalo ebusuku kusukela ngo-8pm, abesifazane abagqoke izingubo eziveza umzimba  bayabonakala emgwaqeni omkhulu osuka emaphakathi nedolobha i-Thohoyandou uya e-Sibasa. Abanye benza umsebenzi wabo ngemuva kwesikhumulo samabhasi esiseduze, kanti abanye balandwa amakhasimende ngezimoto.

U-Alice Moyo* (29) wase-Zimbabwe, ubeliyengandoda e-Thohoyandou kusukela ngo-2023. Uthi amaphoyisa awakaze amkhathaze ngoba amanye amaphoyisa angamakhasimende akhe.

“Kimina leli yibhizinisi futhi ngingenza imali eningi nyanga zonke, ngibiza u-R50 ngocansi phakathi nezinsuku kodwa ngempelasonto ngiyayenyusa ibe ngu-R70. Angikaze ngiboshelwe ukudayisa ngomzimba wami njengoba ngidayisa ngisho emaphoyiseni yingakho ngingesabi ngisho ukuqhuba ibhizinisi lami ngasekamu lamaphoyisa,” kusho uMoyo*.

Usebenzisa le mali ukondla izingane zakhe ezintathu ezisekhaya e-Zimbabwe. “Angizimisele ngokuyeka maduze njengoba leli bhizinisi linginika imali elula, nakuba kwesinye isikhathi kuba nzima ukuthola amakhasimende njengoba sesibaningi futhi nomncintiswano unzima,” esho.

Kodwa usomabhizinisi wendawo uMashudu Muleya akeneme ngalesi simo. “Ngiyakuzonda ukushayela kulowo mgwaqo ebusuku ngoba kugcwele omahosha isikhathi esiningi abasuke begqoke izingubo eziveza umzimba. Cabanga nje ushayela nezingane ezincane emotweni, yimuphi umyalezo engizowuthumela kuzo?”esho.

Esinye isakhamuzi uLucky Chauke ubona ngenye indlela. Mhlawumbe uma laba besifazane bevunyelwa ngokukhululeka ukuthi badayise imizimba yabo, labo besilisa abahlukumezayo futhi badlwengule izingane ezincane bazoyeka abakwenzayo bahambe bayothenga ucansi kulabo abazimisele ngokuludayisa,” esho.

NgoMandulo odlule, i-Scrolla.Africa sabika ukuthi isifunda sase-Vhembe sibe namacala avulelekile odlame olusekelwe kubulili, okuhlanganisa nawokuhlukumeza ngokocansi.

Okhulumela amaphoyisa ase-Vhembe uWarrant Officer Vuledzani Dathi uvumile ukuthi uthole imibuzo yokuthi kungani amaphoyisa engathathi zinyathelo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga.

Ukuthengisa ngocansi noma ngomzimba akukho emthethweni eNingizimu Afrika ngaphansi koMthetho Wamacala Ocansi ka-1957, ovimbela ukuthenga nokudayisa ucansi, ukugcina izindawo zokudayisa ngomzimba, kanye nokudayisa ngabesifazane kubantu besilisa. Yize iKhabhinethi yagunyaza umthethosivivinywa ngo-2022 wokuqeda ukuthengisa ngocansi, lokho kusaphambene nomthetho.

*Igama lishintshiwe ukuze kuvikelwe okukhulunywa ngabo

Esithombeni esingenhla: Ikamu lamaphoyisa lase-Thohoyandou.

Umthombo wesithombe: File

Izihloko zakamuva