Amaphoyisa abonge i-Scrolla ngokuwasiza ukuthi kuboshwe osolwa ngokudlwengula

Everson Luhanga

Owesilisa wase-Kagiso obhekene necala lokudlwengula nokuthumba udedelwe ngebheyili.

Ngesikhathi engaphandle ngebheyili udlwengule omunye wesifazane.

Le ndaba ethusayo, eshicilelwe i-Scrolla.Africa mhla ziyi-13 kuMandulo, yenze i-National Prosecuting Authority (i-NPA) ukuthi ingenelele futhi ihoxise ibheyili yakhe – iqinisekise nokuthi le ndoda ayisakwazi ukusabisa abesifazane base-Kagiso nase-Soweto.

Ukuboshwa kokuqala kwenzeka mhla zimbili kuMandulo, futhi lo wesilisa wathola ibheyili yemali eyizi-R3000. Isisulu sakhe sokuqala kusolakala ukuthi sathunjwa isikhathi esingaphezu kwamahora ayisishiyagalombili futhi sadlwengulwa kuphindelelwa komunye wemizi kamama kamsolwa e-Protea Glen, e-Soweto.

Mhla ziyisishiyagalombili kuthiwa uphinde wadlwengula, waphinde waboshwa ngemuva kwezinsuku ezimbili.

Kuthe mhla zingama-20 kuMandulo, i-NPA yahoxisa ibheyili yakhe – futhi amaphoyisa abonge i-Scrolla.Africa ngokuveza imininingwane yecala lokuqala.

Umphenyi uthe “ukube i-Scrolla.Africa ayisizanga, umsolwa ubezophinde athole ibheyili”.

Kuleli sonto uphinde wavela ngoMsombuluko, icala lahlehliselwa isonto elizayo.

IMantshi enkantolo yase-Kagiso ithe: “Ngemuva kwesonto unikezwe ibheyili, wenze amacala afanayo nalowo obuboshelwe wona.

“Utshelwe ukuthi ungabuphindi ubugebengu obufanayo njengengxenye yesimo sakho sebheyili ecaleni lakho lokuqala.

“Ngenxa yokuthi uphindaphinde ubugebengu obufanayo, abantu besifazane lapha ngaphandle  kubandakanya nami abaphephile. Ngakho-ke kubalulekile ukukugcina uvalelwe ukuze siphephe nokuthi izisulu zithembele ohlelweni lwezobulungiswa ezweni,” esho.

Lawa mazwi ananele izindonga zenkantolo yeMantshi yase-Kagiso futhi aphoqe umsolwa ongumdlwenguli ukuthi ashiye isicelo sakhe sebheyili futhi aqhubeke nokuvalelwa.

Isisulu sakhe sokuqala – ebesimangele ukuthi udedelwe ngebheyili yemali eyizi-R3000 – uthe, “Kungcono ngiyazi ukuthi uvalelwe. Ngijabule futhi ngifuna ukumbona ebhekene nengalo yomthetho ngokuphelele ngalokho akwenze kimi. Ngisahlukumezekile”.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, isisulu sokuqala sithe ngesikhathi umsolwa ededelwa ngemuva kokumdlwengula, wayekhathazeke kakhulu ngoba le ndoda yayihlomile futhi iyingozi.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Solomon Sibiya uthe kungenzeka amaphoyisa axhumanise umsolwa namacala afanayo. “Sisalinde imiphumela yokuhlolwa kwe-DNA ukuthola ukuthi umsolwa uhlobene yini namanye amacala okudlwengula,” kusho uKaputeni Sibiya.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority (i-NPA) esifundeni uPhindi Mjonondwane uthe bazophikisana nanoma yimiphi imizamo eyenziwa ngumsolwa yokuthola ibheyili ngalesi sikhathi.

Izihloko zakamuva