Ahoxisiwe amacala abasolwa abahlanu kwelokubulawa kwabantu eGqeberha

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

I-National Prosecuting Authority (NPA) iwahoxisile amacala abebekwe abesilisa abahlanu kwabayisithupha ababoshwa mayelana nesigameko sokudubula babulale abantu abayisishiyagalombili ngesikhathi kugujwa usuku lokuzalwa elokishini lase-Gqeberha Kwazakhele ngoMasingana 2023.

Nyakenye umphakathi wase-Gqeberha wasala uthuthumela ngemuva kokuthi oshayasibhamu abangaziwa bagasele emzini othile ngesikhathi kugujwa usuku lokuzalwa lweminyaka engu-50 badubula bonke abantu ababekhona, kwashona izihambeli eziyisishiyagalombili.

Ezinyangeni ezimbili amaphoyisa ase-Eastern Cape abopha uMzwandile Mahambehlala, uSiyabulela Funde, uLuyanda April, uLuzuko Tsotsi, noSinaye Tyesi.

Abasolwa abayisithupha, abagqunywe esitokisini kusukela ngoMbasa nyakenye badedelwe ngoLwesihlanu, ngemuva kokuthi i-NPA ihoxise okwesikhashana amacala abekwe abasolwa abahlanu.

Okhulumela i-NPA esifundazweni, uLuxolo Tyali ukuqinisekisile ukuhoxiswa kwamacala.

“Uphenyo lusaqhubeka kodwa sisaqhubeka nokuphenya umsolwa oyedwa,” usho kanje.

“Uma uphenyo luveza ubufakazi obuhlanganisa abanye, sizolivuselela icala elibhekene nabanye.”

UMahambehlala kuphela osagcinwe esitokisini, icala abekwe lona lahlehliswa ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Ummeli kammangalelwa, uMnuz Danie Gouws obemele bonke abasolwa, uthe ubelungiselela ukufaka isicelo sebheyili egameni likaMahambehlala.

UMahambehlala kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo ngomhlaka-23 kuNtulikazi, uma udaba lwakhe selusenkantolo enkulu yase-Gqeberha.

Esithombeni esingenhla: Indlu lapho okwenzeka khona isibhicongo kugujwa usuku lokuzalwa ngoMasingana 2023.

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele/File

Izihloko zakamuva