Lungani Zungu
UJacob Zuma ubebukeka njengomuntu onesizungu ngaphakathi eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, kodwa waphathwa njengeqhawe ngaphandle kwasenkantolo.
Ukwesekwa kwakhe bekucwila, kodwa izolo inqwaba yabalandeli bakhe baphume ngobuningi bezomeseka.
Abathembekile bakaZuma phakathi kwabo kubalwa namabutho, abelaphi bendabuko, abefundisi kanye nabasekeli bakhe bezombusazwe abalimele baqale ukufika ezintatha zayizolo.
Abanye babeqhamuka e-Limpopo, eMpumalanga nase-North West.
Ngenkathi uZuma ewaphika wonke amacala ayi-16 enkohlakalo, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali, abalandeli bakhe bacule bathi “Wenzeni uZuma?”.
Abaningi bebegqoke izikibha ezimhlophe ezibhalwe ukuthi “Wenzeni uZuma?” ngaphambili.
Amalungu oMkhonto weSizwe, asephenduke ibutho likaZuma, acule izingoma zomzabalazo.
Kuvele ukuthi umkhankaso kaZuma wokuhlala ngaphandle kwejele uthole umfutho omkhulu wezezimali kubaxhasi.
Lokhu kubonakale esigabeni esikhulu samakhonsathi ebesakhiwe ngaphandle kwasenkantolo.
Esiteji, uZulu utshele abalandeli bakhe ngesiZulu, ukuthi uyajabula ukuthi leli cala elineminyaka eyi-16 ekugcineni liyaqhubeka.
Uqede inkulumo yakhe emfushane ngengoma yakhe ethi Awulethe umshini wami.
Abanye abantu abasezingeni eliphezulu abeseka uZuma kubalwa uMalusi Gigaba, owayeyiMeya yeTheku uZandile Gumede, uDudu Myeni owayenguSihlalo we-SAA kanye noNdunankulu waseKZN uSihle Zikalala.
Unobhala-jikelele omisiwe u-Ace Magashule nowayenguNdunankulu wase-North West uSupra Mahumapelo nabo bebekhona.