Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abasebenzi bathi ama-invoice angakhokhelwa abashiye bengakwazi ukukhokhela abashayeli, ukuthenga uphethiloli, ukuvuselela amalayisensi noma izimoto zokuthutha abafundi.
UNgqongqoshe wezokuThutha uXolile Nqatha uxolisile wathi isabelomali sokuthutha abafundi siyashoda kulokho okudingwa yisifundazwe.
Iqulu labasebenzi bezokuthutha abafundi e-Eastern Cape limashe ngokuthula ngoLwesithathu ekuseni eBhisho ngemuva kokuhluleka ukufinyelela esivumelwaneni noMnyango wezokuThutha mayelana nokukhokhelwa kwemali.
Amalungu eSouth African National Taxi Council amashele ehhovisi likaNdunankulu u-Oscar Mabuyane eBhisho ngoLwesithathu. Bahambise incwadi yezikhalazo befuna ukukhokhelwa ngokushesha.
Ezinye zezimfuno kwakuwukuthi zonke izinkokhelo ezisalele kufanele zilungiswe, kuhlinzekwe uhlelo lokukhokha olusobala nolusheshisiwe ukuze kubhekwane nokusilela emuva, ukuthi abaqhubi baphathwe ngesizotha nenhlonipho, futhi bakhokhelwe ngokugcwele ngokunyuka kukaphethiloli.
Ilungu lesikhashana leSantaco, uNkk Nokuthula Mbebe, lithe abanye abashayeli abakaze bakhokhelwe kusukela ngo-2022. Abanye abakaze bayithole imali selokhu kwaqala ithenda yokuthutha abafundi ngo-2024.
UMbebe uthe ukungakhokhi kuhlukumeze amabhizinisi nemindeni yamatekisi.
Uthe abashayeli abakwazi ukukhokhela abashayeli, ukuthenga uphethiloli, ukuvuselela amalayisensi ezimoto, ukusevisa amatekisi noma ukuqhubeka nokukhokhela izimoto.
“Ukungakhokhi kuholele ekutheni singakwazi ukukhokhela abashayeli bethu, asikwazi ngisho nokuthenga uphethiloli noma ngisho nelayisensi yezimoto zethu,” kusho yena.
UNgqongqoshe wezokuThutha uXolile Nqatha uxolisile emhlanganweni kaMengameli wamabhasi namatekisi e-Eastern Cape ngoLwesibili.
Uthe ilayisensi yohlelo lokukhokha lomnyango isiphelelwe yisikhathi. Uphinde wathi uhlelo lokuthutha abafundi ludinga imali engaphezu kwaleyo etholwa wumnyango.
“Sithola isabelomali esibalelwa ku-R800 million kodwa izidingo zohlelo lokuthutha abafundi zingaphezu kuka-R1 billion,” kusho uNqatha.
I-Santaco ithe izikhulu zibatshele ukuthi isabelomali sihlanganisa abafundi ababalelwa ku-80 000 kuphela, kanti ama-operators athutha abafundi abangaphezu kuka-100 000.
UMabuyane uthe lesi sifundazwe sesithutha abafundi ababalelwa ku-105 000. Uthe kungase kudingeke ukuthi kuthuthwe abafundi abangaphezu kuka-130 000 ukuze kubhekwane nale nkinga.
UMnuz Ona Matshaya we-Equal Education uthe isifundazwe asinalo uhlelo olucacile. Uthe babalelwa ku-25 000 abafundi abakhahlanyezwe yinkinga efanayo ngoMfumfu ka-2024.
I-Eastern Cape Bus and Taxi Presidential Forum iziqhelelanisile nalokhu. Ithe ama-opharetha kufanele alinde omunye umhlangano ngomhlaka-15 kuNhlaba ngaphambi kokuthatha isinqumo ngokuvalwa.
Esithombeni esingenhla: Amalungu e-Santaco amashele ehhovisi likaNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane eBhisho ngenxa yama-invoice okuthutha abafundi abengakakhokhelwa.
Umthombo wesithombe: Facebook
