Kuningi ukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu

Dylan Bettencourt

Amalungu amahlanu eqembu labesifazane abaneminyaka engaphansi kwengu-20 ayebaleke e-Eritrea  ngesikhathi somqhudelwano owawuse-Uganda ngonyaka odlule namanje asacashile.

1.Laba badlali abahlanu kuthiwa baphephile futhi baphila saka ngemuva kokubaleka amahora ngaphambi komdlalo wabo we-Council for East and Central Africa Football Associations (Cecafa) ye-Women’s Under-20 Championship ngoLwezi nyakenye ngokusho kwe-Guardian.

Babalelwa ku-60 abadlali bebhola asebephunyukile e-Eritrea bezama ukubalekela umbuso nomthetho kaMengameli u-Isaiahs Afwerki kusukela ngonyaka ka-2009, kodwa icala lokuqala leli elithinta abadlali besifazane.

I-Federation of Uganda Football (Fufa) isungule uphenyo ngabadlali abalahlekile, kodwa okhulumela u-Ahmed Hussein uthe udaba ludluliselwe emaphoyiseni ase-Uganda.

“Kungaphandle kwamandla ethu lokhu okwenzekayo.”

Umqondisi we-Cecafa u-Auka Gecheo uthe ukuduka kuphenywe yizo zonke izinhlaka ezifanele.

“Njengabagqugquzeli bomqhudelwano sizibikele iziphathimandla ngokunyamalala kwabadlali saphinde sabasiza ngemininingwane ebidingeka,” kusho u-Auka. 

Isazi esikhethekile seNhlangano Yezizwe Ezihlangene mayelana namalungelo abantu e-Eritrea sikhiphe umbiko mayelana nokukhathazeka ezweni lonke.

Umbiko ukhombisa izimo ezifana nokuthwalwa ngempoqo, ukuboshwa ngokungafanele, ukunyamalala nokuhlukunyezwa.

I-Eritrea iyizwe elincane elisoPhondweni Lwe-Afrika elinabantu abangaphansi kwezigidi eziyisithupha. Ayikalubambi ukhetho selokhu yathola inkululeko ngo-1993.

Umbiko wengeze ngokuthi izingane ezineminyaka engu-14 ubudala zibhaliswa ukuba ngamasosha azolwa  empini yesizwe ne-Ethiopia.

“Ngisakhathazeke kakhulu ngesimo  sabantu base-Eritrea abadukile kanye nababoshiwe ngokungafanele emajele ayimfihlo ngokwephula imithetho yamalungelo abantu,” kubhala u-Mohamed Abdelsalam Babiker embikweni othunyelwe uMkhandlu Wamalungelo Abantu weNhlangano Yeziwe Ezihlangene.

Umthombo wesithombe: @

Izihloko zakamuva