Izingane zidla izimila zasendle ngoba zilambile

Izingane zase-Eastern Cape kumele zidle izimila zasendle ukuziphilisa njengoba i-Covid-19 ishiye abantu abaningi baseNingizimu Afrika belambile.

“Izingane zami zizonitshela ukuthi lezi zimila zakule ndawo zinambitheka kanjani njengoba sekuphele izinyanga ezintathu ngilokhu ngibaphakela zona,” owesifazane wase-Peddie utshele i-organisation Gift of the Givers.

Le nhlangano isisebenze iminyaka engama-27, i-Gift of the givers iyona nhlangano enkulu ebhekelela izinhlekelele eAfrika.

Abadala bathi ngesikathi iloli yokudla yale nhlangano ifika e-Wesley nase-Peddie ngeviki eledlule abantu baqala umculo futhi badansa.

Ucwaningo olusha olukhishwe kuleli viki likhombisa ukuthi cishe uhhafu ongama-(47%) ocwaningeni lithi amakhaya eyizi- 7, 000 athi aphelelwa imali yokuthenga ukudla ezindlini ngoMbasa kowezi-2020. 

Izihloko zakamuva