Igundane eliyiqhawe lase Afrika liwine indondo yegolide

Igundane elikhulu laseAfrika linikezwe indondo yegolide ngomsebenzi walo wokusindisa izimpilo zabantu ngokuthola amabhomu agqitshwayo.

I-BBC ibika ukuthi igundane, uMagawa, selihogele amabhomu agqitshwayo angama-39 kanye nemishini engu-28 selokhu laqala lo msebenzi.

Inhlangano esiza umphakathi yaseBrithani i-PDSA inikeze leli gundwane indondo ngomsebenzi walo wokusindisa impilo e-Cambodia, lapho kunezimayini ezingafika ezigidini eziyisithupha.

UMagawa, oneminyaka eyisikhombisa ubudala, ungowase-Tanzania.

Waqeqeshwa yinhlangano esiza abantulayo i-Apopo yase-Belgium eqeqesha amagundane, abawabiza ngokuthi ama-HeroRATS, ukuthola imayini nezifo sofuba.

Ukuqeqeshwa kuthatha unyaka owodwa.

UMagawa uyakwazi ukusesha inkundla elingana nenkundla yokudlala ithenisi, athole amabhomu agqitshiwe ngemizuzu engama-20 nje kuphela.

Abe-Apopo bathi lokhu kungathatha umuntu osebenzisa umshini wensimbi izinsuku ezine.

Izihloko zakamuva