I-Covid isifike kwikhabhinethi

UNgqongqoshe wemithombo yamaminerali kanye namandla uGwede Mantashe ube yilungu lokuqala lekhabhinethi elihlole latholakala ne-Covid-19. UMantashe uzosebenzela ekhaya ngemuva kokuthi yena nonkosikazi wakhe uNolwandle batholakale benegciwane NgoLwesibili.

Ezinye izikhulu eziningi zikahulumeli zihlole zatholakala negciwane. IMeya yase-Newcastle eKwaZulu-Natal uNtuthuko Mahlaba nguyena owangamuva  otholakale naleli gciwane.

ONdunankula abathathu banegciwane – uDavid Makhura waseGoli, uAlan Wilde wase-Western Cape kanye noNdunankulu wase-North West uJob Makgoro osekhishiwe esibhedlela ukuyogonqa ekhaya ngemuva kokungabonakali  kwezimpawu.

INingizimu Afrika inesibalo esiphezulu sokuthelelana kwabantu emhlabeni, kodwa futhi ngokulinganayo inesibalo esiphansi sokushona kwabantu.  I-Gauteng iyona ndawo eshayeke kakhulu ngezibalo zabantu ezingaphezu kwenxenye eyodwa kwezintathu yabantu abayizi-300,000 asebethelelekile eNingizimu Afrika. Ishadi elingaphezulu liphuma emnyangweni wezempilo.

Izihloko zakamuva