ZODWA – “NGIYABONGA MADLOZI AMI”

Everson Luhanga

UZodwa uzobe eseSoweto kule mpelasonto, kodwa hhayi ukuyojabulisa abalandeli bakhe.

“Ngilapha ukuzobonga okhokho bami,” uyasho.

Uthe ulapho ekhona namhlanje ngoba okhokho bakhe bebenaye futhi bemvikela emoyeni emibi nakubantu ababi.

Utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi uhlaba imbuzi futhi uthumele ukubonga kwakhe kubantu abangaphesheya kwethuna.

Uthe ubengakholelwa emuthini  ngaphambi kokuthi izigebengu zigqekeze endlini yakhe ese-Malvern, eThekwini, ngoMbasa kwantshontshwa izinto ezingabiza imali engaphezu kweyizi-R100,000.

Lesi sigameko senzeke kungekho muntu ekhaya futhi baba nenhlanhla yokuthi akwenzekanga lutho kuyena, indodana yakhe kanye nesoka lakhe ngaleso sikhathi.

“Kodwa ngangizizwa ngihamba-ze,” kusho yena.

“Abantu bathi ngihamba nqunu, kodwa ngemuva kokubanjwa inkunzi, ngazizwa nginqunu ngokwehlukile.”

Uthe ukubanjwa inkunzi kwamshiya engenakho okunye angakwenza ngaphandle kokubonisana nezangoma ezameluleka ngokuthi ashweleze emadlozini akhe.

“Isangoma sanginikeza umuthi engiwugcina endlini yami kodwa sengibuyile lapho engazalelwa khona eSoweto ukuzokwenza umsebenzi wabaphansi,” uyasho.

Uthe selokhu aqhamuka kwezokungcebeleka okujwayelekile cishe eminyakeni eyisithupha eyedlule, ubusisiwe ngokuthi ugcine isimo sakhe sokujabulisa abantu.

“Angiphezi ukunika udumo kokhokho bami nakuNkulunkulu wami. Banami. Yingakho kumele ngibabonge manje,” uyasho.

“Ngizothenga imbuzi ngoLwesihlanu bese siyihlaba ngoMgqibelo.”

Uthe abantu abaningi basebenzisa umuthi futhi bakholelwa emadlozini kodwa uma besesidlangalaleni benza sengathi abakaze bezwe ngakho.

“Kodwa ngingumuntu oneqiniso. Into ngiyisho njengoba injalo ngaphandle kokunanasa. Abantu abaningi bayangithanda ngoba ngibatshela iqiniso elimsulwa,” uyasho.

UZodwa naye ungusomabhizinisi wesifazane. Uthe uselubheke ngabomvu uhlelo lwakhe oluzofika ekuqaleni konyaka ozayo kanye ne-Salons kaZodwa Wabantu azoyethula kowezi-2021.

“I-lipstick yami namakha ami asevele athengiswa njengamakhekhe ashisayo,” uyasho.

Izihloko zakamuva