Zizothuthwa izimvubu zika-Escobar eColombia 

Lubhalwe intatheli ye-Scrolla

Ukuthutha izimvubu ezingu-70 zikaPablo Escobar kulindeleke ukuthi kudle i-Colombia imali elinganiselwa ku-R62 million.

Izimvubu eziyishumi zizothunyelwa e-Mexico kanti ezinye ezingu-60 ezisele zizothunyelwa e-India ezinyangeni ezizayo.

Okwenza ukuthuthwa kwezimvubu kubize ukukhishwa kwezimvubu endaweni ezihlala kuyo njengamanje. Uhlelo olukhona njengamanje ukuheha izimvubu bese zifakwa kumakhrethi akhethekile ukuze zihanjiswe emhlabeni wonke, kubika i-Insider.

Lo akuwona umsebenzi olula futhi awushibhile. 

Izilwane kuzodingeka zijovwe ochwepheshe.

“Yonke into enezimvubu iyingozi, zithatha imali eningi futhi zidla isikhathi esiningi,” kusho uDavid Echeverri López osebenzela i-Cornare, okuyinhlangano kahulumeni wase-Colombia esingatha ukufuduka kwezimvubu.

Izimvubu ezingu-130 zihlala endaweni eyayiyipulazi ka-Escobar owayedayisa izidakamizwa owadutshulwa wabulawa ngo-1993.

Izimvubu zakhe zasala kule ndawo ngemuva kokuthi zithathwe kwamanye amazwe ngokungemthetho ngu-Escobar.

Lezi zimvubu sezizalane zagcwala lendawo kanti abanye babikezela ukuthi zizoba ziningi kakhulu endaweni eminyakeni eyishumi ezayo.

Ngonyaka odlule, i-Colombia yamemezela lezi zilwane ezibizwa ngokuthi “izimvubu ze-cocaine” ngenxa yendima ka-Escobar ekuhwebeni ngezidakamizwa ze-cocaine, njengohlobo oluhlaselayo olungase lubulale ezinye zezilwane zomdabu.

Yingakho bezama ukuthumela izimvubu kwezinye izindawo njengoba izwe lisakhungethwe yifa lika-Escobar.

Isithombe esingenhla: Izimvubu 

Izihloko zakamuva