Zizosiza ngani izikibha ze-ANC emphakathini-isakhamuzi

By Zukile Majova
Umhleli wezepolitiki

“Ngincamela ukulala nginqunu kunokugqoka isikibha se-ANC. Ngaphandle kwalokho ngeke balithole ivoti lami.”

Le indlela uZilungile Mzozo waseNtabankulu e-Eastern Cape angiphendule ngayo embuzweni wami mayelana nodaba  lwesikibha se-ANC ngo-2023.

Eminyakeni engu-20 edlule, isikibha se-ANC kwakufanele ube naso ikakhulukazi uma uyilungu le-ANC. Abambalwa ababenezikibha babezigqoka ngokuziqhenya ngezikhathi ezikhethekile njengezinsuku zombutho wenkululeko kaNelson Mandela.

Namuhla ukugqoka izikibha ze-ANC kuxhumanisa umuntu neqembu elibizwa ngokuthi “amamenemene kaTambo. 

Ngikhumbula izikhathi lapho i-ANC ijwayele yayisho lukhulu kubantu bakithi KwaBhaca, okungenye yezindawo ezimpofu kakhulu ezweni lapho imiphakathi eminingi ingenawo amanzi ompompi, abanazo izindawo zokuzikhulula basebenzisa imigodi.

Noma ngathiwa iqembu le-ANC lisakhona, kodwa ushintsho luyeza. I-FF+ ithola amavoti lapha, kanti igatsha le-DA laseMzimvumbu likhule ngaphezu kuka-300% kusukela ngokhetho loMasipala lwangoLwezi ngo-2021.

Ngakho-ke, ngithole kuhlekisa ngoLwesine, iPhini likaNobhala Jikelele wokuqala we-ANC uNomvula Mokonyane kanye namavolontiya e-ANC behlome ngezikibha zeqembu ukuze bathole ukwesekwa kwiwadi lesibili, eMvoti Region e-KZN ngaphambi kokhetho lokuchibiyela lwangomhlaka-14 kuNhlangulana.

Abantu sebevamile ukuthola izikibha zamahhala, kodwa yini okufanele bayenze ngalezi zikibha ekubeni beqhubeka nenhlupheko nokungathuthuki. 

Kumina ngibona izikibha zizosiza ukuvala umnyango osuke ungena amakhaza noma ukusula amanzi asuke engene ezindlini eziconsayo uma kunetha. 

Izinto ezingenamsebenzi zinokusetshenziswa ukusula iizinto phansi ngicabanga. Njengephepha lihle kabi ukugoqa izinhlanzi ezithosiwe nama-chips.

Owaziwa ngelikaMama Action, uMokonyane utshele umphakathi ukuthi manje sebethumele umuntu othembekile ongumfundisi webandla lendawo uDan Khumalo.

“Engingakusho ukuthi kuyasijabulisa ukuthi wonke umuntu kulo mphakathi, abadala nabancane, bayamazi uMfundisi Dan Khumalo oyilungu le-ANC.

“Uthandazela abagulayo futhi uhola ibandla lendawo ngakho sithemba ukuthi wonke umuntu uzobona ngezenzo zakhe ukuthi i-ANC ithembekile futhi inabantu abathanda ukusebenzela umphakathi.”

Isithombe esingenhla: Isikibha se-ANC

Izihloko zakamuva