Zizodlana imilala kwi-Nigeria ne-Cameroon kowe-Afcon

Lubhalwe nguMichael Madyira

I-Nigeria ne-Cameroon bazodudulana ku-16 we-Africa Cup of Nations (Afcon)  e-Stade Felix Houphouet-Boigny e-Ivory Coast ngoMgqibelo.

Womabili lamaqembu ase-West Africa aqhathwe ngemuva kokuthi ephume isibili kumaqoqo akade ekuwo.

Ama-Super Eagles adlulele kuhlu lwamaqembu angu-16 ngemuva kokudlala umdlalo wokuqala ngokulingana (1-1) ne-Equatorial Guinea baphinde bahlula i-Ivory Coast ngegoli elilodwa eqandeni base beshaya i-Guinea-Bissau ngegoli elilodwa eqandeni.

I-Cameroon iqinisekisile ukuthi izongena emdlalweni womkhumulajezi ngemuva kokudlala ngokulingana ne-Guinea (1-1) bahlulwa i-Senegal ngamagoli amathathu kwelilodwa babe sebehlula i-Gambia ngamagoli amathathu kwamabili.

Owayengumdlali wasesiswini we-Nigeria uSegun Odegbami ukholelwa ukuthi lo mqhudelwano usulula kakhulu kuma-Super Eagles ngemuva kokunikezwa i-Cameroon.

“Ngingakutshela ngaphandle kokungabaza ukuthi lo mdlalo ne-Cameroon kuzoba umdlalo wethu olula,” kusho u-Odegbami etshela iVanguard.

“Angeke kube umdlalo ononya njengenjwayelo eqenjini lase-Cameroon. Kuzoba umdlalo okhululekile enkundleni. Futhi yilapho abafana bethu bezokwazi ukubabamba khona.”

I-Nigeria iqale lo mqhudelwano igxekwa kakhulu ngokungenzi kahle kodwa ukuzithuthukisa kwayo ingase ithathwe njengompetha be-Afcon.

Njengoba bezobhekana ne-Cameroon, ama-Super Eagles azokwamukela umdlali wasesiswini u-Alhassan Yusuf ophuthwe imidlalo yawo emibili yamaqoqo ngenxa yokulimala.

Nakuba i-Nigeria inezindaba ezikhuthazayo ekhempini yayo, i-Cameroon ibheke ukubuya kukakaputeni uVincent Aboubakar noClinton N’Jie abebengatholakali kuyo yonke imidlalo yabo emithathu yamaqoqo.

Lezi zinkunzi zase-West Afrika zagcina ukuhlangana ku-Afcon ngo-2019 ngesikhathi i-Nigeria ikhipha i-Cameroon ngemuva kokunqoba ngamagoli amathathu kwamabili esigabeni sohlu lwamaqembu angu-16.

Khonamanjalo i-Angola ne-Namibia bazobhekana kwi-Cosafa Derby e-Stade de Bouaké de la Paix ngoMgqibelo.

Isithombe esingenhla: Abadlali be-Nigeria babungaza ukunqoba kwabo bedlala ne-Guinea Bissau.

Umthombo wesithombe: CAF

Izihloko zakamuva