Zizodlana imilala kowePirates neSwallows 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Ngemuva kokuhlulwa iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni obunzima ngempelasonto edlule, i-Orlando Pirates izobe izimisele ukuvuselela ifomu yayo uma isibhekene nezinye izimbangi zayo iSwallows FC namhlanje.

IPirates izothatha uhambo olufushane olubheke enkundleni yezemidlalo i-Dobsonville lapho izobhekana khona neSwallows kowe-Premier Soccer League emdlalweni owaziwa nge-original Soweto Derby.

Lona umdlalo omdala kunayo yonke ebholeni lakuleli phakathi kwamaqembu asungulwa ngokwehlukana ngeminyaka eyishumi.

IPirates ehlulwe iChiefs kowe-Soweto Derby ngegoli eliwumkhonto ogwaze ekhaya izobe ifuna ukwenza kangcono namhlanje.

Izobhekana neSwallows elwela ukuvika izembe kanti njengamanje ihlezi endaweni yesi-14 ngamaphuzu ayisithupha phambi kweMarumo Gallants esemsileni etafuleni.

Ukuvika izembe kweSwallows kungase kwenze izinto zibe nzima kwiPirates ngalolu suku.

Kodwa iPirates izozama ukugwema ukuhlulwa futhi kwenye i-derby  njengoba lokho kungaqeda amathemba ayo aphezulu.

Njengoba iMamelodi Sundowns ezihola phambili isivule igebe lamaphuzu angu-19, kubukeka kuwumsebenzi onzima kwiPirates ukufica leli qembu lase-Tshwane.

Kodwa ukuqeda endaweni yesibili kwiligi kuseyikhona okubhekwe ngabomvu iPirates njengoba isele ngamaphuzu amahlanu ngemuva kweSuperSport United esendaweni yesibili.

Lokho kukhuphula izinga lokudlala kwePirates uma isibhekene neSwallows.

Umqeqeshi uJose Riveiro usebuyile kuleli qembu lase-Soweto ngemuva kokuphuthelwa imidlalo emibili yokugcina ngenxa yokumiswa.

Umsizi womqeqeshi uSergio 

Almenara ongene ngesikhathi uRiveiro engekho ubona sengathi kufanele balungise ukucabanga kwabo emdlalweni wabo neSwallows.

“Njengoba ngishilo ngesonto eledlule, sicabanga ngemidlalo isonto nesonto,” kusho u-Almenara etshela abezindaba.

“Sizama ukuba kahle ngokomqondo bese silungiselela umdlalo olandelayo neSwallows.”

Njengoba iPirates isanda kuhlulwa, iSwallows isanda kuwina ngo 2-1  emdlalweni wayo wasekuhambeni neChippa United nokuyinto eyisi xwayiso kwiPirates.

Esithombeni esigenhla: I-Orlando Pirates

Umthombo wesithombe: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva