Zizodlana imilala koweBafana neDR Congo

Lubhalwe nguMichael Madyira

IBafana Bafana izimisele ukuqeda umkhankaso wayo we-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023 ngokunqoba i-DR Congo emdlalweni wokuhlungela indawo yesithathu e-Felix Houphouet-Boigny Stadium ngoMgqibelo.

Ngemuva kokuhlulwa yi-Nigeria kowandulela owamanqamu, iBafana izimisele ngokuqeda ngegiya eliphezulu njengoba izobhekana ne-DR Congo nayo ezimisele ngokupholisa amanxeba ngemuva kokuvinjelwa ukungena kowamanqamu ngosokhaya i-Ivory Coast.

Ngemuva kweminyaka yobudlelwano obungebuhle phakathi kweBafana nabalandeli bayo, ukaputeni uRonwen Williams uthi iqembu lizuza izinhliziyo zabalandeli futhi liyakujabulela ukwesekwa elikutholayo.

“Sesiside isikhathi sikhalela imiphumela emihle futhi siyethemba ukuthi lobu ubudlelwano esingabakha ndawonye njengezwe,” kusho uWilliams etshela abezindaba ze-Safa.

“Kungenzeka futhi sidinga wonke umuntu abe yingxenye. Siyakudinga ukwesekwa abalandeli, bagcwalise izinkundla sithole namazwi akhuthazayo.”

Ukuwina indondo yethusi kungaba wubulungiswa eqenjini elishaye into ecokeme ngemuva kokufika e-Ivory Coast linethemba elincane licabanga ukuthi lizosheshe liphume eqoqweni labo.

Abafana bakaHugo Broos sebehlonishwa njengamaqhawe futhi abaziboni bebuyela ekugxekweni abakubekezelele isikhathi eside.

“Iqembu bekulifanele ukungena kowamanqamu kodwa sidinga ukululama bese sibuyela enkundleni ngoMgqibelo siyoqeda ngomndlandla ophakeme,” kusho uWilliams.

“Senze umsebenzi omuhle kakhulu kulo mqhudelwano. Kungajabulisa kakhulu uma singawina indondo ngoMgqibelo.

“Sizobe sigxile ngokuphelele kulowo mdlalo. Sizilungiselele ngendlela ngoba ikhempu isaqhubeka futhi sisamele iNingizimu Afrika. Sisasebenzela izwe,” usho kanje.

“Sizongena enkundleni siwuthathele phezulu umdlalo futhi ngiyethemba ukuthi singayithola indondo yethusi.”

IBafana izobe ingenaye umdlali wasemuva omisiwe uGrant Kekana othole ikhadi elibomvu bedlala ne-Nigeria nomdlali ogijima kakhulu uThapelo Maseko olimele.

Esithombeni esingenhla: IBafana Bafana ibungaza ukuhlula i-Morocco emzuliswaneni ka-16 we-Afcon.

 Umthombo wesithombe: CAF

Izihloko zakamuva