Lubhalwe nguRazeen Gutta
Ezinyangeni ezintathu ngemuva kwemidlalo emangalisayo yase-Qatar yango-2022, ikhalenda lebhola selizophinde livumele amaqembu esizwe ukuthi azibonakalise.
Kulokhu kubhekwe e-Germany ngo-2024, njengoba sekuzoqala imidlalo yokuhlungela i-Uefa European Championship.
Kuzoba impinda yomdlalo wamanqamu we-Euro 2020 njengoba kuzobhekana i-Italy ne-England kaGareth Southgate ngoLwesine.
Ku-Group C kukhona i-Ukraine, i-North Macedonia ne-Malta kanti womathathu la mazwe abheke ukulwisa kanzima labo abangena kowamanqamu phambilini.
NgoLwesihlanu, i-France izobhekana ne-Netherlands komunye umdlalo wokuhlunga kanti i-Spain izobhekana ne-Norway ngoMgqibelo.
Ompetha bomhlaba i-Argentina bazobe bedlala okokuqala selokhu bephakamise iNdebe yegolide enkundleni i-Lusail e-Doha futhi kunomdlalo wobungani ne-Panama osalindwe uLionel Messi kanye nenkampani ngoLwesihlanu.
Emdlalweni wamazwe i-Morocco izobhekana ne-Brazil kowobungani ngeSonto ngemuva kokuziqhenya kakhulu ngokuphuma endaweni yesine e-Qatar.
IBafana Bafana izoqhubeka nokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngemidlalo yasekhaya neyasekuhambeni ne-Liberia.
Ompetha base-Afrika i-Senegal bazobhekana ne-Mozambique, i-Egypt ibhekane ne-Malawi njengoba iqembu eladlala kowamanqamu ku-Afcon 2021 liqhubeka nohambo lwalo ngethemba lokuphinde lidlulele ngonyaka ozayo.
Isithombe esingenhla: UGareth Southgate
Umthombo wesithombe: @England