Zizobusiswa ngefilimu ye-Titanic izithandani ngosuku lwe-Valentine

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ifilimu yakudala eyaqoshwa ngo-1997 i-Titanic izobuyela  ngosuku lwezithandani i-Valentine ngefomethi ebuyekeziwe ye-3D 4K HDR yokugubha iminyaka engu-25.

Kodwa abalandeli befilimu edumile ekhipha izinyembezi bazithole bephazanyiswa izinwele zikaKate Winslet kwiphosta yabo ebifakiwe.

Abalingiswa abathandwayo bakaJames Cameron, u-Jack Dawson noRose DeWitt Bukater – abadlalwa izihlabani zamafilimu uLeonardo Dicaprio noKate Winslet babelana ngale filimu ekhombisa uthando.

Kodwa-ke, izinwele zikaKate ezihlukile zizodonsa amehlo abantu njengoba zenziwe ngendlela ehlukile amasayidi womabili.

Ingabe bebehlosile ukufaka isithombe esiveza kanje izinwele zakhe? Noma mhlawumbe indlela azovela ngayo kule filimu ukudlala indawo yokukhohlwa yikho konke  njengoba ethola uthando lweqiniso?

Noma ngabe iyiphi indlela abaveze ngayo, kodwa wonke umuntu ukhuluma ngayo.

Le filimu isiwine ama-Academy Award angu-11 kanti njengamanje iyifilimu yesithathu engenisa imali eningi kunayo yonke eyake yenziwa futhi izodlalwa  kumabhayisikobho akuleli ngoLwesihlanu mhla ziyishumi kuNhlolanja.

Isithombe esingenhla: Iphosta ye-Titanic esanda kwethulwa

Umthombo wesithombe: @FilmUpdates

Izihloko zakamuva