Zizobe zimba eqolo izihlalo zesidlo sakusihlwa sikaJacob Zuma

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

  • Isidlo sakusihlwa seqembu le-MK lapho uMnuz Jacob Zuma ahlose ngaso ukuqongelela imali, itafula lizofinyelela ku-R2-million kanti isihlalo somuntu ngamunye sizobiza u-R66,000.
  • Yize lingenalo ithonya kuhulumeni, leli qembu lisebenzisa igama likaZuma kanye nokuba khona kwakhe kwezepolitiki, lifuna ukuphatha uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal.

Ukuhlala noma yikuphi eduze noJacob Zuma esidlweni sakusihlwa se-MK esizayo kuzobiza, njengoba itafula leezicukuthwane lizobiza ukwedlula u-R2-million.

Iqembu le-MK lizobe ligubha unyaka owodwa lasungulwa enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini, ngomhlaka-15 kuZibandlela.

Ngakusasa, uZuma kanye nobuholi beqembu le-MK bazokwamukela abalandeli baleli qembu abasezingeni eliphezulu kanye nosomabhizinisi esidlweni sakusihlwa e-Olive Convention Centre eThekwini.

Leli qembu elisha linethemba lokusebenzisa lo mcimbi ukuqongelela iskhwama sezimali, njengoba abazowuhambela bezokhokha imali elinganiselwa ku-R66 000 umuntu ngamunye.

Isihlalo esisemuva kakhulu sizobiza imali elinganiselwa ku-R25,000.

Iqembu lithe itafula elizobe liphethe izicukuthwane, elibizwa nge-platinum spear, lizobe linezihlalo ezingu-30 kanti lizobiza u-R2-million.

Itafula elibizwa nge-golden spear lona lizobiza u-R1,5-million kanti lizobe linezihlalo ezingu-25 ngesikhathi elibizwa nge-silver spear lizobiza u-R1-million ngezihlalo ezingu-20.

“Abathengi bamatafula esidlo sakusihlwa bazothola amathikithi omcimbi wangasese  ukuqinisekisa imigubho yangasese nekhethekile kuyo yonke imigubho,” kusho iqembu esitatimendeni.

Imicimbi efanayo yokuqoqwa kwezimali ivamise ukusetshenziswa ngamaqembu epolitiki ukunikeza abaholi bamabhizinisi nabafuna ukuba yingxenye yamathenda esikhathini esizayo ithuba lokuthi bazane namakhansela, izimeya, ondunankulu, ongqongqoshe, iphini likaMengameli kanye noMengameli.

Kodwa-ke, iqembu le-MK aliphethe nowodwa umasipala, alinikezi amathenda futhi alinazo izimeya, ondunankulu noma ongqongqoshe.

Umklomelo omkhulu kunayo yonke ngowokufinyelela kuZuma, owayenguMengameli wezwe oneminyaka (83) ongakwazi ukufinyelela ezimalini zikaHulumeni.

Abanye abaholi baleli qembu olkubalwa kubo iPhini likaMengameli walo, uJohn Hlophe, owayengumengameli wamajaji eNkantolo ePhakeme yaseKapa owakhishwa esikhundleni sokuba ngumehluleli ehlazekile.

Liphinde lihlanganise nenqwaba yabaholi abathinteka ekusizeni ukuthi kugwamandwe umbuso ngesikhathi uZuma ephethe iminyaka eyisishiyagalolunye.

Kulaba kubalwa owayeyisikhulu sakwa-Transnet uMnuz Siyabonga Gama, owayeyisikhulu sakwa-Eskom uBrian Molefe, noLucky Montana owayeyisikhulu sakwa-Prasa.

Iqembu le-MK, elithole amavoti angaphezu kuka-45% KwaZulu-Natal, lisemkhankasweni oqhubekayo wokuhlakaza uhulumeni wobumbano oholwa i-IFP KwaZulu-Natal.

Njengoba kunesabelomali esiphelele sonyaka esingaphezu kuka-R150 billion, ukuthatha izintambo kuhulumeni wesifundazwe kuzokwenza iqembu le-MK libe namandla kwezombusazwe zaseNingizimu Afrika.

Esithombeni esingenhla: UJacob Zuma.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva